UMFUNDISI Vusi Gama oyinhloko yeTrust in Christ ubonga uNkulunkulu ngokuhlangana kweminyaka engu-29 lasungulwa leli bandla aliholayo.
UGama obalwa nabanye babaholi baseZayoni asebempunga futhi ohlonishwayo, uthi kuyinto enkulu ukuhlangana kweminyaka eminingi kangaka ehola ibandla.
Uveze ukuthi leli bandla selinamagatsha angu-53 esewonke kuzona zonke izifundazwe ezikhona eNingizimu Afrika.
“Ngithanda ukubonga kakhulu uNkulunkulu ngokusigcina isikhathi eside kangaka. Ukukhuluma iqiniso nje kungamandla nomusa kaNkulunkulu ukuthi ibandla lize lihlanganise iminyaka engu-29 lisakhona,’’ kuchaza uGama.
UGama uthe ngonyaka ozayo bahlela indumezulu yenkonzo yokugubha iminyaka engu-30 ibandla lasungulwa.
Ukuvezile ukuthi zikhona izinselelo ezibe khona ebudeni bendlela ngoba ukuhola ibandla akuyona into elula.
Uthe okudala ukuthi ibandla lime kuze kube yimanje kungenxa yokuthi babeka eqhulwini izinto ezintathu okungukuthethelelana, ukubekezelelana nokuhloniphana.
“Lezi zinto zontathu ngikholwa ukuthi yizona kanye eziwumgogodla wokuphila kwebandla likaNkulunkulu,’’ kuchaza uGama.
Ube esebonga bonke abasebuholini obuphezulu baleli bandla nawo wonke amalungu ebandla ngokwenza isiqiniseko sokuthi ibandla liyaphila alifadabali.
UGama uthe okumqoka kakhulu ukubona ibandla libonakala lidlondlobala minyaka yonke.
Lokhu uthe kuncike kakhulu kubazalwane bonke bebandla iTrust in Christ.
UGama waziwa kakhulu nangomculo wakhe othakaselewa kakhulu ngabantu abaningi.
Usekhiphe ama-albhamu awu-79 selokhu aqala ukucula umculo wokholo wobuYoni.
Uganwe nguNkk Nonhlanhla Gama (ukaMasondo).