AKAWUVALI umlomo umlingisi womdlalo owuchungechunge Uzalo, osinde engozini yemoto ephuthuma emcimbini abemenywe kuwona ngeSonto.
Elandisa iSolezwe Online, uBhekisizwe Mahlawe odume ngelikaPrince osanda kuphuma ejele kulo mdlalo (Uzalo) uthe babehamba noBar naye oyiciko kanjalo noBenzy ngesikhathi behlangabezana nale ngozi.
“KwakuneBMW ebihamba ngesivinini, yavele yazithela kuthina, imoto yami yavele yaphela indaba yayo. Kuze kube kuyakhulunywa, ingenxa yokuthi amabhande sasiwafakile kodwa imoto angiboni ukuthi isazolunga. Ngingasho nje ukuthi mina angibanga nalutho kodwa uBenzy noBar balaliswa esibhedlela ngenxa yezinhlungu,” kuchaza uBhekisizwe.
Uthe uNkulunkulu uzibonakalisile ubukhulu bakhe kubona ngoba ukuba bekungayena ngabe kukhulunywa olunye udaba manje ngendlela ephele ngayo imoto yakhe neyalabo ebashayisile.
Lo mlingisi uke wabonakala emdlalweni owawubizwa ngeDurban Gen kwi-etv kodwa ongasekho emoyeni.