LIBOBONGA abaphansi ilungu lomphakathi elizibonele ngawalo kudutshulwa itekisi ebelithwele abashayeli bamatekisi eColenso, KwaZulu-Natal ngoMgqibelo.
Kudutshulwe kwabulawa abashayeli abawu-11 behlaselwa ngoyaba lwezinhlamvu ngabantu okuthiwa bebelele unyendle emahlathini aseduzane nomgwaqo uR74 obekuhamba kuwo leli tekisi.
Umama wasendaweni uthi ubevika izinhlamvu nezingane zakhe ebezindiza igceke lonke ngezikhathi zehora lesithupha ntambamama.
“Ngiphuzile ukuqala ukupheka ngoba bekuyiSabatha. Ngithe ngisabeka amabhodwe kusanda kushaya u-6 ntamabama, ngezwa ngomsindo obuqhuma kungathi uthayela. Ngithuke ngafa ngihlangana nezinhlamvu ngaphandle ebezindiza igceke lonke,” kusho owesifazane eligodliwe igama lakhe ukumvikela.
Uthe ubezitshela ukuthi kuhlaselwa umuzi wakhe. Uthi umemezile ezincengela ukuthi bangamubulali nezingane zakhe.
“Ngibuyele endlini saqoqana nezingane ngimemeza ngincenga abadubulayo ukuthi bangasibulali. Bengilokhu ngithi ningasibulali zingane zami.”
Elinye ilungu lomndeni nalo elingafunanga ukudalulwa lithe alisakhumbuli nokuthi ziyeke nini ukukhala izibhamu ngendlela ebebephithene ngayo.
FUNDA: Zibalelwa ku-250 izinhlamvu okudutshulwe ngazo abashayeli
“Ngikhumbula nje ngifonelwa umfana wami engibuza ukuthi kwenzekani, ngangazi ukuthi ngimphendule ngithini ngoba nami bengingazi ngaleso sikhathi ukuthi kwenzekani,” kuchaza ilungu lomphakathi.
UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Khehla Sitole usigxekile lesi sehlakalo.
Uthe amaphoyisa ophiko okukhona kuwo awobugebengu obuhleliwe, oKlebe, nabaseshi ubanika amahora angu-72, ukuzama ukubopha abasolwa abathinteka kulesi sigameko.
Obambe njengoNdunankulu esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala, naye usigxekile lesi sigameko. Uthe ukubulawa kwabantu kusho ukuthi kunemindeni engasenabo abantu abayondlayo.