AKHALA ezimathonsi amakhasimende ebhange Ithala njengoba engakwazi ukuthola imali yawo futhi engatshelwa ngokuqhubekayo ngaleli bhange.
Iningi labantu abasebenzisa igatsha laleli bhange eliku-Anton Lembede Street, enkabeni yeTheku, bafice kukhala ibhungezi kuleli bhange. Bekuvaliwe, kungekho ngisho nabasebenzi, kukhona unogada kuphela.
Abanye bebekhala ngokuthi akukho ukuxhumana leli bhange elikwenzayo ukuze baqonde ukuthi kwenzakalani, bengezwa ngamahlebezi.
Isolezwe lixoxe nabanye abasebenzisa leli bhange ukuzwa imizwa yabo ngalokhu.
UNkk Ellen Khumalo obesuka eMaoti, eNanda, uthe ubezobheka imali yakhe kuleli bhange njengoba ezwe ukuthi kunezingqinamba ezithinta Ithala.
“Ngifice kungekho muntu, kukhona unogada kuphela. Ithemba sinalo njengoba kuthiwe asilinde sizwe ukuthi isinqumo sikahulumeni sithini. Uma kuthiwa ayilungi inkinga yebhange, ngizocela nathi basazise kumaselula ethu ukuze sizokwazi ukuthi sithathe imali yethu siyiyise kwamanye amabhange,” kusho uNkk Khumalo.
Uthe kubuhlungu kubona uma bezwa izindaba ezithi ibhange lizovalwa.
“Asikujabuleli ukuvalwa kwebhange. Ngokomthetho bekufanele sililwele njengoZulu omnyama ngoba selisivikele izikhawu eziningi. Besibeka kahle imali yethu zingekho izinkinga. Sesiyaxakeka manje ukuthi kwase kuba khona izingqinamba ezingaka,” usho kanje.
Uthe waqala ngo-2017 ukusebenzisa Ithala futhi unxusa abantu ukuthi balilwele.
“Bengicela ukuthi silimele ibhange lethu ngoba siyazi sidlala izitikofela, sifundisa ngalo izingane zethu, sakha ngalo imizi, sithenga ngalo izimoto, kuze kube khona omasingcwabisane.
“Asingadikibali ngalo ngoba siyakwazi okuhle elisenzele khona. Sikhulekela ukuthi uhulumeni angathi alibuye ibhange lethu ngoba liyithemba kuthina,” ubeke kanje.
UMnuz Sandile Memela ongusomabhizinisi naye uzwakalise ukungenami ngezindaba ezithinta Ithala.
“Ngiqale ukusebenzisa ibhange Ithala ngo-2012. Ibuhlungu kakhulu le nto eyenzakalayo ngoba okunye nokunye asikwazi, sikuzwa ngabantu. Sinemali evaleleke kuleli bhange, abasebenzi bami angibaholelile, abasebenzisana nenkampani nabo angibakhokhelile, kunzima kakhulu. Uhulumeni akangenelele adedele imali yethu,” usho kanje.
UMnuz Zamo Ndlovu yena uthe: “Sikhungathekile njengoba imali yethu ivalelekile. Asikwazi ukunakekela izingane zethu futhi nasendlini indlala isikhungethe. Asazi ukuthi sizokwenza njani futhi azikho izimpendulo esizitholayo,” usho kanje.
Uthe umshado wakhe naleli bhange waqala ngo-2005 kuze kube yimanje ubesathembekile kulo. Uthe sebelinde isinqumo ukuzwa ukuthi kuthiwani mayelana nekusasa lalo
Khonamanjalo: Udaba lwesicelo sokuthi kuvalwe Ithala sizolalelwa kusasa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Uhulumeni waKwaZulu-Natal nezinye izinhlaka sezikuveze kaningi zeseka Ithala, azihabisani nokuthi livalwe.