UYAVEVA umphakathi waseMaphephetheni eNdwedwe ngesigameko sokubulawa ngesihluku kukaNksz Zinhle Wendy Ngidi (29) oshaywe yisoka lakhe ngomphini wepiki, maqede lamxhonxa nge-screwdriver waze waphuma umphefumulo.
Ngokwemithombo ezibonele kwenzeka lokhu, uMnuz Nkululeko Ncube (30) obeseneminyaka ethandana nomufi, baqale ukuxabana besendaweni yokucima ukoma, okugcine ngokuthi uNcube ashaye umufi ngempama.
Kuthiwa ubekwenza lokhu kugcwele abantu, abakhuze umhlola basho ukumqeda, kodwa ugcine exolisa kumufi nakubantu abebemhhahhameza.
‘’Kube sengathi konke kuyadlula, wase ecela lo wesifazane ukuthi baye naye endlini yakhe. Umufi ube nokungabaza kodwa wagcina evumile,’’ kusho umthombo.
Kuvela ukuthi bathe befika nje endlini, umsolwa wangenela umufi ngomphini wepiki, waze waphukela kuye. Ube esecosha i-screwdriver naso wamxhonxa ngaso kwaze kwaba kuphuma umphefumulo.
Okhulumela umphakathi kule ndawo, okungusihlalo we-ANC Women's League e-ward-2, kuMasipala waseThekwini, uNksz Nokuthula Cele, uthe lesi sigameko senzeka ngoMsombuluko ebusuku.
Uveze ukuthi amalungu omphakathi abone umsolwa ngakusasa ekuseni ehudula isidumbu sowesifazane. Uma ebuzwa ukuthi kwenzekeni, kuse ngokunye, wacela empunzini ebalekela emzini wephoyisa kwazise umphakathi ubusumthelekela.
"Sidiniwe siyaveva siwumphakathi...sidinwa yisenzo samadoda ahlukumeza abesifazane, ijike ingalandelelwa indaba yabo. Sikhathele wukuba ngumhlatshelo wabantu besilisa. Naxabana nje kancane, useyakubulala. Sithuka izanya. Sifuna umfana aboshwe. Sifuna ubulungiswa. Asifuni ukubona le nto esihlale siyibona, ukuthi umbulali simbone ecanasa ngenxa yokuthi kuthiwe ubufakazi abukho," kuchaza uNksz Cele.
Umsolwa ubingelele imantshi izolo eNkantolo eseNtuzuma. Usagcinwe esitokisini njengoba kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyile. Uninomncane kamufi, uNksz Princess Sithole ubabaze isihluku umsolwa abulale ngaso indodakazi yabo. Uthe ngesikhathi betshelwa ngalesi sigameko, bayile endaweni yesehlakalo.
“Ingalo yakhe ihlukene kabili. Umzimba unemivimbo, emhlane unamanxeba escrewdriver, okuchaza ukuthi wamshaya waze washona.”
Uthe umsolwa ubengaqali ukushaya ngesihluku umufi.
Uthe bahlukumezekile bengumndeni njengoba uNksz Ngidi eshiye izingane ezimbili futhi abazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani.
Uthe bewumndeni bafuna ubulungiswa futhi baphatheke kabi ngokuthi umndeni kamsolwa awukaze uzobakhalisa. Umufi uzofihlwa ngesonto elizayo ngoLwesibili, emathuneni asekhaya KwaMbonambi, eMaphephetheni.