BEKUKHONA okumtshelayo owesifazane obesekubalwa izinsuku atete, odlule emhlabeni kungqongqa umjondolo abevaleleke kuwo kokheleka neminingi okushiye abaningi abahlala emijondolo eseKenville, eThekwini, besele dengwane, esigamekweni esenzeke ngoMgqibelo ebusuku.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kuleya ndawo, bekuwunyu nosizi lodwa kumalungu omphakathi amanye abebonakala encike ngengcosana yezimpahla ezisinde kusha. Buqamama, ezansi le, amaphoyisa abematasa nezinsalela zesidumbu sikaNksz Nomthandazo Dawodi (30) nombungu wakhe, okuthiwa ubesengateta noma yinini njengoba bese zevile kweziyisishiyagalombili izinyanga ezithwele.
Umngani kamufi uNksz Nonhlanhla Mgwaba imijondolo yabo ebeyincikene, uthe bekungathi kukhona obekumtshela indlela abeyiyo ngaphambi kwalesi sigameko.
“Okusixakayo ukuthi sipheka endlini yami, kweyakhe uyalala kuphela bekungekho sitofu kodwa umlilo uqale khona. Ngendlela abeyiyo bekungathi uyabikelwa, akazange adle ngisho ukudla, kanti ubethule engaswabulukile njengasemihleni. Ushayela ucingo wonke umuntu wakubo, kuthe kanti sijwayele ukuphuza ukulala, kodwa wathi ucela ukuyophumula ukhathele,” usho kanje.
Uthe uzwe ngomsindo abantu beshaya isicabha ukuthi kusha umjondolo wakhe, bazama ukumsiza njengoba ubevaleleke ngaphakathi endlini evalwa ngamaketango, kwasho ukuthi sekuhambe isikhathi, amalangabi asekhotha isibhakabhaka futhi sekokheleke neminye imijondolo.
“Kwamina ngiphume nengikugqokile kuphela. Kushe konke enginakho; omazisi, izincwadi zezingane zesikole, ukudla, ngisele nginje. Nginezingane ezimbili ezifunda uGrade 10 esikoleni eSea Cow Lake Secondary neyodwa efunda uGrade 4, angazi ngizothathani ngihlanganise nani,” kubalisa yena.
Isoka likamufi uMnuz Thulani Mhlongo elidabuka eShowe elithe besebeneminyaka emithathu bethandana futhi bebesebenza ndawonye, lisola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa ngesihluku kothandiweyo wakhe.
“Ugesi ubungakaze uhambe futhi izintambo zikagesi bezingekho esimweni sokuthi sezingasha kuqaleke umlilo, futhi ubewudonsela ukukhanyisa njengoba ubengaphekeli endlini yakhe. Kuyamangaza ukuthi kungani isicabha singavulekanga ngoba bekuyisicabha esidala noma ubani obengasikhahlela sivuleke. Lokhu kwenza ngisole ukuthi kukhona oqale umlilo,” kusho isoka.
UMhlongo egcina ukubonana naye emini ngosuku okwenzeke ngalo isigameko, ubewumuntu obengeneme kangangoba wambuza ukuthi kukhona yini okungamphethe kahle kodwa umufi wathi akafuni ukuqhatha abantu. Umtshele ukuthi kunofike kuyena abamjwayele, wathi akathandaze okuyinto esamdida namanje ukuthi ubesho ukuthini njengoba kwehle lesi sehlo. Uthe odokotela bebeqinisekise ukuthi bazothola ingane yomfana.
UNksz Ntombozuko Daniso osekomitini lomphakathi uthe yevile ku-270 imijondolo eshile, kanti zingu-89 izingane ezisale zingenamakhaya. Bangu-342 abantu abadala.
“Okwamanje ngoba kusekusha besingakatshelwa ukuthi sizosizakala kanjani kwazise kusabalwa. Kodwa indlela okwenzeke ngayo, kusihlukumezile kakhulu kangangoba abanye abasele nabakugqokile kuphela,” kusho uNksz Daniso.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona.