UBUYELA ngoNovemba 3 eNkantolo yeMantshi yaseRichmond osolwa ngokubulala ashise owesifazane ayemluthe ngokuthi uthole umsebenzi.
Umsolwa oneminyaka engu-39 uvele ngo-Okthoba 27 kule nkantolo icala labe seliyahlehliswa.
Umufi, uNksz Nkosikhona Zondo (27) kuthiwa wayefonelwe indoda angayazi ithi kumele aqale emsebenzini nokwaba ukugcina kwakhe ukubonakala.
UNgqongqoshe wezeNhlalakahle nokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, utuse abomthetho ngomsebenzi oncomekayo emuva kokuboshwa kwalo msolwa.
“Sidinga ukuthi amaphoyisa aqhubeke nokuphenya ukuze aqoqe bonke ubufakazi bokuqinisa leli cala kungabi khona into engenza umsolwa egcine ephunyuka enkantolo,” kusho uKhoza.
Udadewabo kamufi ayehlala naye wamgcina ngosuku ahamba ngalo kwaze kwashaya u-Agasti 17, lapho abase beyobheka khona isidumbu esasitholwe abasebenzi basemapulazini sishisiwe esimobeni.
Isidumbu sikaNkosikhona satholakala sishile sinezinsimbi nokusolwa ukuthi wayefakwe ithayi entanyeni.
Sekuhlolwa isidumbu kwavela ukuthi umufi ubezithwele.
Kulindeleke ukuthi uma esebuyela enkantolo umsolwa kube nosonhlalakahle abazobhikisha ngaphandle befuna ubulungiswa.
Ungqongqoshe uphethe ngokuthi: “Yize bengeke besavuka abafi kodwa sifuna ukubona bonke abahlukumeza abesifazane bethunyelwa ejele. Kumele sihlangane siwumphakathi ukulwa nesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane.”