Umphathi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo usethumelele u-Owen Ndlovu ngencwadi eyisivimbelo senkantolo emyalela ukuthi angalokothi amsabise noma amhlukumeze.
Le ncwadi, Isolezwe linayo ikhophi yalo, kuthiwa ihanjiswe yisikhonzi senkantolo kuNdlovu ngabo-6 ntambama ngoLwesibili.
Kuyona kuvela ukuthi uNdlovu uyisayinile futhi inesigxivizo sesiteshi samaphoyisa aseBrixton, eGoli.
Kuthiwa uNdlovu uzovela eNkantolo yaseRandburg ngoFebhuwari 20 mayelana necala lokuhlukumeza.
Encwadini uyalelwa ukuthi angalokothi asabise ummangali.
“Ungenzi izitatimende ezingamanga noma ugxibhe ummangali. Ungafaki imiyalezi, amavideo noma yini ezinkundleni zokuxhumana,” kusho incwadi.
Umbango kaNdlovu noNgcobo usuka emncintiswaweni owawenziwa ngu-Owen obizwa ngeSABC Summer Song of the Year owawuba eziteshini zale nhlangano ngoDisemba. I-SABC yathi inkontileka yayo noNdlovu yaphela ngo-2019.
NgoDisemba nyakenye uqophe ivideo wayifaka kuFacebook lapho enze khona izinsolo okukhona kuzo zokuthi uNgcobo watshontsha imali yokuvotela ingoma ehlukanisa unyaka ngo-2017. Wathi waphinde walahla amavoti alinganiselwa ku-18 000.
Kwenzeka lokhu iSABC ivale uNdlovu ukuthi asebenzise uphawu lwayo.
Lokhu kuza emva kokuthi u-Owen Ndlovu efake isithombe esinophawu lweSABC ekhasini lakhe leFacebook, wathi iSABC Summer Song iyabuya njengoba kungu-2024.