SIZWE BLOSE
S IDUKUZA ebumnyameni isilomo somsakazi we Gagasi FM esingazi ukuthi sizobuyela nini emsebenzini ngenxa yokuhlaba ikhefu lokugula sixinwe wukhwantalala.
U-Alex Mthiyane oke walala esibhedlela saseMhlanga amasonto amathathu, izolo uthe usephumile esibhedlela welulamela ekhaya kepha akakwazi ukuqinisekisa ukuthi ubuyela nini emsebenzini njengoba elinde ukutshelwa ngabaphathi bakhe.
“Ngikhuluma nawe nje ngisekhaya eMpangeni. Ngingasho ngingananazi ukuthi ngingcono,” kusho u-Alex.
Lo msakazi ushayela uhlelo olubizwa nge Ndaba olungena ngo-6 kuya ku-7 ebusuku.
Ebuzwa ukuthi njengoba eseluleme angase abuyele nini emsebenzini, uthe usesekhefini lokugula kodwa uselinde abaphathi bakhe bamazise ukuthi uqala nini.
U-Alex ungomunye wabantu ababamba iqhaza ekusungulweni kwe Gagasi. Ubethandwa kakhulu ngabalaleli nabaphathi ngaleso sikhathi kodwa izinto ziqale ukungahambi kahle ngesikhathi uPatrick Bogatsu esaphethe izinhlelo.
Isimo sibe muncu kakhulu sekufika uVukile Zondi osengumphathi jikelele.
Ngokwemibiko yemithombo engaphakathi kwi Gagasi uZondi uze waphumelela ukumsusa ohlelweni lwasekuseni obekwaziwa ukuthi ungazithinta zonke izinhlelo kodwa hhayi olwasekuseni.
Lo mthombo we Solezwe ongaphakathi uveze ukuthi u-Alex “uphathiswa okwengane”, ungena ephuma ezigcawini zokuqondiswa okugcine kumfakela ingcindezi eholele kulolu khwantalala okuthiwa belumbambile.
UKhulekani Shandu okhulumela umsakazo uthe yizindaba ezinhle ukuthi u-Alex usephumile esibhedlela. Uthe bebengakahlangani ukudingida udaba lwakhe njengabaphathi.
“Ngicabanga ukuthi uma sesihlangene sizophuma isinqumo sokuthi angabuyela nini emsebenzini uMthiyane,” kusho uKhulekani.
U-Alex uyintatheli esimkantshubomvu futhi usesebenze iminyaka eminingi engumsakazi.
Uke washayela uhlelo lwezingxoxo kwithelevishini olwalubizwa nge KZN Tonight kanti esesoKhozini FM wenza uhlelo olubizwa nge Phumela Eshashalazi okuyilapho aveza khona ikhono ezi-nhlelweni zezingxoxo.
Akagcinga lapho njengoba aphinde waveza elinye ikhono lokushayela izinhlelo zasekuseni. Waqala o Khozini enza iVuka Breakfast Show. Uye kosebenza kuhulumeni wabuya esengena kwi Gagasi FM wenza uhlelo lwasekuseni.