UMNTWANA uThembi Ndlovu-Zulu usethembise ukuthi uzotholakala maduze ozongena esihlalweni esishiywe yiSilo esisasanda kukhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
UMntwana uThembi, ongudadewabo kaMdlokombane, uthe iSilo sizotholakala uma indlunkulu isiphothule ukuzila.
UMntwana uThembi le nkulumo uyenze ngoLwesihlanu ebusuku lapho ebethula khona inkulumo yokwamukela indondo ahlonishwe ngayo wuMasipala wesiFunda Amajuba.
Lo masipala uhloniphe uMntwana uThembi ngendondo ngokuthuthukisa nokuqhakambisa amasiko nezamaciko ezindaweni ezakhele wona umasipala.
UMntwana uThembi ukhulume kanjena nje, ngesonto elidlule usanda kutshela Isolezwe ukuthi akukakavalwa ukuqokwa kweSilo.
UMntwana uThembi watshela leli phephandaba ukuthi njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini singakagcotshwa ngokusemthethweni, kusavulekile ukuthi kungaphakanyiswa amanye amagama abazoqokelwa ukungena esihlalweni sobukhosi.
Yize enkulumweni yakhe yangoLwesihlanu ekuphikisile ukuthi kunezinxushunxushu endlunkulu, futhi yona inkulumo yakhe ibuye yanikeza isithombe sokuthi isazobambana ngezihluthu endlunkulu njengoba ethe isizathu esenza ukuthi njengamanje bangakwazi “ukunqakisana ngamazwi”, yingoba kusaziliwe endlunkulu.
UMntwana ukhale ngabezindaba athe yibona abayenza ihaba indaba yoqhekeko endlunkulu.
“Ngifuna ukuqinisekisa le ndlu, ngifuna ukuqinisekisa lesi sifunda neKZN ukuthi akukho nxushunxushu KwaZulu. Abezindaba yibona bawathengisile amaphepha, bazama impela ukuthengisa amaphepha. Okuningi kwakho(abakubikayo) akukho, okunye kukhona.
“Ngakho ngiqinisekisa abantu ngalokhu, ukuthi siphezu kwakho siyindlunkulu ukulungisa. Ukuthi manje asikakakhululeki, sisazililile. Asikwazi ukuqagulisana nabantu kodwa nizobona, siyiphethe ngesinono. Sizoyithola maduze inkosi yethu uma sekukhululekiwe.”
UMntwana uThembi unxuse isizwe ukuba sibekezele njengoba indlunkulu isematasa ngalolu daba.
“Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayathanda ukuzwa ngalezi zinto kodwa ngizogcina lapha. Ngicela nihlale phansi, nibambe umthetho. Konke kuzolunga.”
UMntwana uThembi waqala ukudonsa amehlo abantu enkonzweni yesikhumbuzo kaMdlokombane etshela isizwe esasimagange ngokuzwa igama lozongena esihlalweni, ukuthi yiNkosi kuphela eyazi ozothatha isihlangu zikaBhejane.
Uphinde waba sematheni ngokujikijelana ngamazwi noNdunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ngesikhathi kukhotheme iNdlovukazi ebiyibambabukhosi, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.
Kusanda kuvela imibiko ethi uMntwana uThembi uhamba imihlangano ehlelwa wuhlangothi lwasendlunkulu olunganelisekile ngokuqokwa kweSilo esisha.
Kuthiwa lolu hlangathi lufuna izinyane likaMdlokombane, uMntwana uSimakade, kube nguye ongena esihlalweni.