AMALUNGU ePhalamende ahoxiswe yiqembu uMkhonto weSizwe (MK), aseveze ukuthi asamhlonipha futhi asamthanda umholi waleli qembu, uMnuz Jacob Zuma.
La malungu angu-10 aye enkantolo enkulu eWestern Cape efuna kumiswe ukufungiswa kwamalungu amasha ezikhundleni zawo, aveze ukuthi kunedlanzana elixovayo kuleli qembu elidinga ukususwa.
Angu-18 amalungu ahoxiswe yi-MK ePhalamende ngoJulayi.
Esithangamini sabezindaba izolo, okhulumele la malungu uMnuz Thami Khuzwayo owayehola uphiko lwezitshudeni kuleli qembu, uthe abalwi noZuma ngokuya enkantolo.
“Asilwi nomengameli uZuma ngoba siyamthanda futhi asilwi neqembu. Sajoyina leli qembu ngoba simthanda uZuma neqembu. Kodwa kunabantu okumele basuswe okuyibona abaxova iqembu,” kusho uKhuzwayo.
Uthe baye enkantolo ngoba befuna ubulungiswa.
“Sethemba ukuthi uZuma uzoyixazulula le nkinga. Kunzima ukufinyelela kuyena uma ufuna ukumbona ngoba siyavinjwa. Ezinye izinto ezenzekayo akazazi,” kusho yena.
IPhini likaMengameli we-MK ophinde ahole leli qembu ePhalamende, uDkt John Hlophe, lithe bazoyekela izinkantolo ukuthi zinqume ngalolu daba.
“Njengoba lolu daba selusezithebeni zenkantolo siyajabula ngoba nosuku seluseduzane lokuthi lulalelwe. Sizolinda yona inqume. Asiphawuli ngezinto ezingaphambi kwezinkantolo ngoba siyawuhlonipha umthetho,” kusho uHlophe.
Icala lizolalelwa ngoSepthemba 3.
UKhuzwayo usole uSotswebhu waleli qembu ePhalamende, uMnuz Sihle Ngubane, indodakazi yomholi we-MK uMnuz Jacob Zuma, uDuduzile Zuma-Sambudla, umkhulumeli weqembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela nabanye ngokuxova iqembu.
“Sizolwa kuze kube sekugcineni. Asiyanga kwi-MK ngenxa yezikhundla kodwa silwa ngoba nabanye kuyobenza okusenzile. Uma singalwi kuyophela nge-MK. Siyalithanda iqembu, salijoyina ngenxa kaZuma owayehlushwa yi-ANC. Ngeke sililaxaze manje, okunalokho sifuna kukhishwe abaxovayo.”
Ufunge wagomela ukuthi bazobuyela ePhalamende ngoba bebengafudumezeli muntu izihlalo zabo.
Ukwamukele ukufika kukaMnuz Floyd Shivambu, obeyiphini likamengameli le-EFF, kuleli qembu.
UKhuzwayo ukhale ngokuthi abazi noma baqhubeke basebenze noma bahlale emakhaya njengoba behoxisiwe.
Ubuye wagxeka uNkk Zuma-Sambudla ngokubasola ukuthi baxhasiwe njengoba beye enkantolo.
“Asisebenzisani noKhumalo (Jabulani, owaxoshwa owabhalisa iqembu). Asikaze simeseke uKhumalo, saseka uZuma. Sisizwa abameli ngaleli cala ngoba bebona ukuthi kudlalwa ngathi. Siholelwe imali yezinsuku ezinhlanu ekubeni sasebenza inyanga yonke,” kusho uKhuzwayo.
Uthe bayazi ngeke kube mnandi kodwa bona abayi ndawo kwi-MK.