KUSHIYE abantu bekhuluma ukuvela kwezindaba zokuthi uMnuz Jabulani Khumalo ubhalele inhlangano yokhetho i-IEC eyinxusa ukuthi ihoxise igama lowayengumengameli uJacob Zuma njengomholi nobuso beqembu uMkhonto Wesizwe Party.
UKhumalo, owabhalisa iqembu ngonyaka odlule, ukhonjwe indlela kuleli qembu ngesonto eledlule.
Ekhasini leSolezwe kuFacebook abantu baveze imibono ehlukene ngesenzo sikaKhumalo.
Senzo Gwala: Nokuthemba umuntu kuyingozi, uNxamalala wamthemba wabhalisa ngaye iqembu. Kwabanolwazi anibhaliseki yini nibe ngaphezu koyedwa ukuze kugwemeke izinto ezinje?
Msawakhe Mzamo: Kodwa amaqhinga e-ANC lawa.
Sbusiso SeNkosi Sbusiso Senkosi: Ulayekile Khumalo kudala sibakhuza ngoZuma, bamenza uNkulukulu wabo eKZN, ukuthi uZuma ungumkhohlisi wakhohlisa uMalema, Nzimande noZwelinzima Vavi ukukhipha uMengameli Thabo Mbeki waze wabaxosha.
Conzie Ngubane: Cha ayiphumuli i-ANC isimthengile njalo, ngeke ikhohlwe kodwa ibanyakazisile iMK noma ingangawina kodwa hhayi ngiyayivuma
Mhlolo Nhlokonhle Ganwa'mahle: Noma bangakhipha ikhanda lakhe kodwa yena sizomvotela nje uZuma. Noma engenzani lo Khumalo asinandaba bese ezitshela ukuthi uyena ozoba umengameli waleli qembu
Smonyo Mashobane: Khumalo yinyosi engenadosi asizixaki ngaye, viva MK
Mzamo Byanda Junior: Ngeke sisayivotela
Sthembiso Isaac Nxumalo: UKhumalo waziwa ubani, ngoba bonke abantu uma ekhipha uZuma bazovotela Inkatha.
Spha Somuhle Ndimande: Kuyacaca ke ngempela ukuthi wakwenza abesolwa ngakho, uyasetshenziswa. Kuwubuwula ke lokhu akwenzile ngoba ukube ufunde ukulinda ubezoba sezindaweni ezinhle, uselibulele ikusasa lakhe kwezombusazwe.
Phiwayinkosi Mtakalahlwa Noel Cele: Washo uZuma wathi i-ANC izobusa kuze kubuye uJesu Kristu waseNazaretha. Viva ANC Viva.