ISIKHULU esiphezulu seRoad Freight Association (RFA), uMnuz Gavin Kelly, sithi kuphazamiseke kancane ukuthunyelwa kwempahla ngenxa yesiteleka esiqhubekayo sabamaloli.
Sizwakalise ukukhathazeka ngokuqubuka kwezinhlangano ezithi zimele abashayeli bamaloli. Sikhala ngokuthi izinyunyana ezisemthethweni azikaze zimemezele lutho ngesiteleka kodwa kunezinhlangano ezimemezele ukuthi abashayeli bayateleka.
UKelly uveze ukuthi njengenhlangano emele abanikazi bamaloli alukho uhlu lwezikhalo abalutholile ngoba zinyunyana abahlala nazo ezingxoxweni zabasebenzi aziyona ingxenye yesiteleka.
“Uma kukhona izikhalo abanazo mhlawumbe bazozihambisa kuhulumeni. Kufanele abatelekile bazame ukulandela imigomo yokubhalisa ngokusemthethweni ukuze bakwazi ukuba nezwi lokushintsha isimo ezinhlakeni ezifanele,” kuchaza uKelly.
Mayelana nokuqashwa kwabokufika, uKelly uthe amalungu eRFA asinciphise kakhulu isibalo sabokufika abaqashiwe.
Wathi kufanele uhulumeni aqinise umthetho wokuthumela abahloli babasebenzi ezinkampanini zabamaloli ngoba kukhona abanikazi bamaloli abangabhalisile ngaphansi kwabo ababuye bangayilandeli imithetho.
Kuleso simo ugqugquzele uhulumeni ukuthi athathe izinyathelo ezifanele.
Abashayeli abatelekile babuye bakhala ngokufakwa kwamakhamera emalolini bethi lokhu kwephula ilungelo labo lokuhlala ngasese kodwa uKelly uveze ukuthi amakhamera abalulekile embonini yamaloli.
“Amakhamera awafakelwe ukuhlukumeza abashayeli kodwa afakelwe ukuqinisekisa ukuphepha kwabo. Senzela nokuthi bangasolwa ngokungaziphathi kahle noma ngobugebengu. Ayabavikela nasezigebengwini ngoba labo abawaqaphile basheshe basukume uma bebona ukuthi umshayeli usenkingeni. Abashayeli abaphuciwe ilungelo labo lokuhlala ngasese,” kuphetha uKelly.