SESIFINYELELE ku-10 isibalo sabantu ababulewe endaweni yaseTaylors Halt eMgungundlovu ngeSonto ebusuku.
NgoMsombuluko kuvele ukuthi bayisishiyagalombili abantu abashonile kulandelal ukushiswa nendlu kule ndawo.
Namuhla, amaphoyisa athumele umbiko oveza ukuthi abanye ababili abebesesibhedlela benamanxeba okusha kulesi sigameko, bagcine benqotshwe wukufa.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, kule ndlu bekukhona abesilisa abaneminyaka ephakathi kuka-25 kuya ku-46 abangu-15 ngesikhathi kugasela abasolwa abayisikhombisa ebebehlome beyizingovolo ngezibhamu ezinkulu.
“Abasolwa kuthiwa bafike babuza umnikazi womuzi ukuthi ungakuphi, nokuthe uma bethola ukuthi akekho, bayalela abagilwa ukuthi bakhumule babe nqunu ngaphambi kokuthi bababhunyele ngokusaketshezi maqede babalayitha,” kusho uNetshiunda.
Uthe abayisishiyagalombili bafele endaweni yesigameko, kwathi abane baphuthunyiswa esibhedlela ukuyokwelashwa.
UNetshiunda uveze ukuthi abasolwa kabaziwa okwamanje kanti nembangela yokubulala ayikaziwa yize kunezinsolo zokuthi lokhu kuhlaselwa kuhlobene nendaba yezidakamizwa.
“Amaphoyisa anxusa ukuthi noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi abasolwa baphi, asize axhumane namaphoyisa aseduze noma ashayele inombolo yokubika ngezigameko zobugebengu ethi: 08600 10111. Onolwazi angalekelela ngalo angancinza indlebe amaphoyisa ngakwaziyo ku-MySAPS App, ngaphandle kokuzidalula,” kusho uNetshiunda.