BAWU-29.1% abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi - isibalo esiphezulu kakhulu sabantu abangasebenzi esike saba khona eNingizimu Afrika.
Lokhu kusho ukuthi bawu-6.7 million abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika.
Lezi zindaba zikhishwe yiStatistician General, uMnuz Risenga Maluleke, izolo ngesikhathi ekhipha izibalo zabangasebenzi kwikota yesithathu yonyaka. Izinga lokungasebenzi eliphezulu kanjena lagcina ukubonakala ngo-2008.
Uthe abantu abaneminyaka yokusebenza bawu-39.6 million kodwa bawu-23.1 million abasebenzayo. Abawu-6.7 million kube abangasebenzi bese abangu-15.5 million kube yilabo abangangenisi lutho emnothweni wezwe.
Kule kota edlule uMaluleke uthe abantu abaswele umsebenzi banyuke bafinyelela ku-78 000 kwathi elabaqashwayo lafika ku-62 000.
Abantu abaswele umsebenzi kodwa asebedikibele ukuyofesa banyuke bafika ku-44 000.
Izinga lokungasebenzi kwabangenawo u-matric liku-34.4% kuthi kwabaneziqu zemfundo ephakeme libe ku-8.2%.
Abantu abasha abaneminyaka ephakathi kuka-15 no 24 yibona abashayeke kakhulu ngoba isibalo sabo sokuswela umsebenzi siku-58.2% kuthi elabaneminyaka ephakathi kuka-55 no-64 libe wu-9.9%.
UMaluleke uthe amathuba omsebenzi awu-43 000 adalwe yizinkampani ezehlukene okusho ukuthi ziqashe abantu abawu-11.2 million.
Ezolimo zidale amathuba omsebenzi awu-38 000 okwenza isibalo sabasebenza kuzo sibe wu-880 000.
Abesifazane abamnyama basengcupheni yokuswela umsebenzi ngoba izinga lokungasebenzi kwabo liwu-34.5%, elamadoda amnyama liku-31.3%, elabesifazane bamaKhaladi liku-23.7%, elamadoda amaKhaladi lona liku-23.4%.
Isibalo sabesifazane bamaNdiya abangasebenzi siku-18.2%, abesilisa bamaNdiya babe ku-10.6% kuthi abesifazane abamhlophe abangasebenzi bawu-8.1% kuthi amadoda amhlophe aswele umsebenzi abe ku-6.8%.
UMnuz Sizwe Pamla weCosatu, uthe akubamangazi ukuthi izinga lokungasebenzi linyukile.
“Asisamangali uma kushiwo lezi zibalo ngoba kuncane okwenziwayo ukuthuthukisa umnotho waseNingizimu Afrika.” kusho uPamla.
USihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala, uthe uhulumeni kufanele abhukule ukuze kunciphe izinga eliphezulu labaswele umsebenzi.
Ucele nezinkampani ezizimele ukuthi zidale amathuba omsebenzi ngoba sibi isimo.
UMnuz Geordin Hill Lewis, okhulumela iDA kwezezimali, uthe uhulumeni kufanele eze nezinhlelo zokudala umsebenzi, agqugquzele abatshali mali ukuthi bazofaka imali emnothweni wakuleli ngoba bangaphezu kuka-10 million abantu abafuna umsebenzi.