UNQGONGQOSHE wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele uthi umbuso unobufakazi obuqinile ecaleni lokubalawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
UCele ngoMsombuluko esithangamini nabezindaba umemezele ukuthi sekuboshwe abasolwa abahlanu ngokubulawa kwalo nozinti eVosloorus, eGoli, ngo-2014, kubo kowayeyisinqandamathe sakhe umculi uKelly Khumalo.
“Ngiyakholwa ukuthi amaphoyisa nophiko lwezokushushisa banobufakazi obuqinile kuleli cala. Okwamanje akukho okunye esingakudalula ngoba uphenyo lusaqhubeka futhi kusangenzeka kuboshwe abanye,” kusho uCele.
UCele uthe abasolwa baboshelwe eGauteng naKwaZulu-Natal ngoMsombuluko phakathi kuka-8 no-10 ekuseni.
Ukhomishana wamaphoyisa kuleli uLt-General Khehla Sithole ushayele abaphenyi baleli cala ihlombe ngokuboshwa kwabasolwa. Uthe kwababoshiwe, abathathu babengekho kumuzi okwabulawa kuwo uSenzo. Uthe oyedwa wabasolwa nguye osolwa ngokudubula uSenzo.
Kubantu ababekhona endlini ngosuku okwafa ngalo uMeyiwa kubalwa uKelly, udadewabo uZandi Khumalo, unina uNtombi, uLongwe Twala, abangani baMeyiwa uMthokozisi Thwala noTumelo Madlala kanye nezingane zikaKelly uThingo noChristian.
UCele uthe namhlanje ntambama bazohambela umndeni wakwaMeyiwa ukuwazisa ngokuboshwa kwabasolwa nangeminye imininingwane yecala. Uthe bagcine ngokuwuthinta ngokucingo namhlanje ekuseni umndeni wakwaMeyiwa kodwa bebengakawuboni ukugwema ukuputshuka kwezindaba emphakathini.
USitole uthe abasolwa bazovela enkantolo yeMantshi eBoksburg, ngoLwesibili.