KUNGASE kuphazamiseke umhlangano kaJulayi wamaNazaretha ngenxa yesicelo sokwehliswa koNyazilwezulu esihlalweni, esifakwe ngumholi webandla ovunwe yinkantolo iNkosi Phinda Shembe, Ukukhanyakwelanga.
Lokhu kuza ngemva kokuba kudalulwe ukuthi isicelo sizolalelwa ngoJulayi 17, usuqalile umhlangano waminyaka yonke kaJulayi wamaNazaretha.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi umholi Ukukhanyakwelanga, ufake enkantolo isicelo sesikhashana enxusa ukuthi uNyazilwezulu lwehliswe okwesikhashana esikhundleni.
Lokhu kusho ukuthi uma inkantolo ivuna isicelo, izokhipha isinqumo ngawo uJulayi 17, ukuthi uNyazilwezulu luziqhelelanise nesihlalo futhi ngeke lube naso isikhathi sokuphikisana nesinqumo ngoba kuzobe kungesesikhashana.
Okhulumela Ukukhanyakwelanga, uMnuz Nkululeko Mthethwa uthe, bakwenze ngenhloso yokuthi isicelo kube ngesesikhashana ngoba bazimisele ngokuthi uNyazilwezulu lusuke ngaleso sikhathi esihlalweni.
“Uma siphumelela isicelo sethu sizobe sesifaka isicelo sokuthi lususwe unomphela esihlalweni. Lokho kungathatha isikhathi ngenxa yokuthi nalo uNyazilwezulu luzobe lunikwa isikhathi sokuthi luchaze ukuthi kungani kungamele lehliswe esihlalweni, okungaba yinto engathatha izinyanga njengoba nejaji lizobe lingaphoqeleki ukuthi lisheshe likhiphe isinqumo ngoba sizobe sesingujuqu,” kusho uMthethwa.
Uthe uma inkantolo ivuna ukuthi lususwe uNyazilwezulu kuzobe sekuphoqeleka ukuthi lukhishwe esihlalweni.
Kumanje izinto zimapeketwane eBuhleni. Kusanda kuvela izindaba zokuthi uNyazilwezilwezulu, selufake ugandaganda lugugula wonke amadokodo abantu abahlala khona ngoba kuthiwa alusadingi muntu ozohlala kuwona.
Umthombo wephephandaba ohlala ngaphakathi eBuhleni, uthi uNyazilwezulu luyesaba ukuthi kungenzeka lususwe esikhundleni ngoJulayi, lufuna kufike Ukukhanyakwelanga isimo singesihle.
Omunye umthombo uthi kunezinhlelo zokuthi uNyazilwezulu lwakhe amadokodo kabusha ngoba selufuna ukuthi amaNazaretha, akhokhe irenti uma ezosebenzisa amadokodo uma kunemihlangano emikhulu.
Kuvele nokuthi lufuna ukufaka izitolo ukuze ludayisele abantu abeze eBuhleni, njengoba kunenqwaba yosomabhizinisi abangaphakathi olufuna ukubachitha.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe akulona iqiniso okushiwo ngalo mholi.
“Kwamenyezelwa ngoJanuwari ukuthi abantu abahlala eBuhleni, abaqoqe izimpahla zabo bazame ezinye izindawo abazohlala kuzona ngoba kuzothuthukiswa isonto. Abantu abavumeleke ukuhlala ngaphakathi eBuhleni, abasebenza noNyazilwezulu nabasuke bezolashwa abagunyazwe ngumholi ukuthi bahlale ngaphakathi. Iningi labantu abahleli ngaphakathi bahleli ngokungemthetho futhi akukho mali yerenti okuhlelwe ukuthi ikhokhiswe amaNazaretha. Abantu abakwemukele nje ukuthi eBuhleni, kukhala iqhude elilodwa okuwuNyazilwezulu. Awukwazi ukufika emzini womuntu ushaye umthetho uma ethuthukisa umuzi wakhe. Ngokunjalo uma uyisiguli ulele esibhedlela ngeke uphikisane nokulungiswa kabusha kwesibhedlela,” kuchaza uMncwabe.
Ngokwecala okuthiwa limise kabi uNyazilwezulu, uMncwabe uthe ngeke angene kulokho kodwa wudaba olusingethwe ngabameli, wathi akezwanga lutho.