SABELO NSELE
UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthi iphini likaSomlomo wesiShayamthetho sesifundazwe uMnuz Mluleki Ndobe, lihambe ngesikhathi i-ANC ibudinga kakhulu ubuholi balo.
UNtuli usho lokhu ngesikhathi ubuholi obuphezulu be-ANC KwaZulu-Natal nelungu lesigungu esiphezulu kuzwelonke, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma behambele umndeni wakwaNdobe eMzimkhulu ngoMsombuluko.
UNdobe obeyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal, ushone ngoLwesihlanu ebusuku, kusolwa ukuthi uzidubulile.
UNdobe uzidubula nje ubexinwe wumdlavuza.
“Ukudlula kwakhe emhlabeni kufike ngesikhathi lapho inhlangano idinga kakhulu abaholi abanjengaye, abasezingeni eliphezulu, abasebenza ngokuzikhandla futhi abazaziyo nabaziqondayo izinselelo ezibhekene ne-ANC.”
“Silahlekelwe ngumholi oqotho. Ubengaziphakamisi. Ubekhulumela phansi. Ubengananazi ukuthatha isinqumo esifanele.”
UNtuli uthe uNdobe ubebhekene nesimo esinzima njengoba ubephuma engena esibhedlela kulezi zinyanga ezintathu ezedlule, nokwenze ukuthi angabe esabonakala uma kuhleli isiShayamthetho.
“Ubebhekene nesimo esinzima. Bengihlezi ngimshayela ucingo ukuzwa ukuthi unjani. Bengihlale ngimnikeza ithemba lokuthi uzosinda.”
UNdobe uke waba ngusekela nobhala we-ANC KwaZulu-Natal kusukela ngo-2015 kuya ku-2018.
Ngaphambi kokuthi aqokwe njengesekela somlomo esiShayamthetho, ube yimeya kuMasipala iHarry Gwala. Uke waba ngusihlalo we-ANC esifundeni, iHarry Gwala.
Ushona nje ubengumxhumanisi wethimba lesikhashana elaqokelwa ukuba lilungiselele ingqungquthela yokukhetha ubuholi besigungu esiphezulu eThekwini, nokulindeleke ukuthi ibe ngonyaka ozayo.