WENEKELE izwe wonke amabibi ngokuqhubeka eBhodini leNgonyama Trust uDkt Thandiwe Dlamini, esola abalingani bakhe ebhodini ngokudla amandla eSilo uMisuzulu kaZwelithini ukuze “bathathe ngozwane” esikhwameni.
UDkt Dlamini, okunguye ilungu lebhodi elisasele, ubekhuluma embizweni yesizwe ebiseSigodlweni eMashobeni, oPhongolo, izolo, lapho efunge wagomela ukuthi akushoyo kuyingonyuluka yobekwenzeka selokhu angena kuleli bhodi. Uveze izinsolo ezinzulu ezibalelwa eshumini ngokuphathwa budlabha kweNgonyama Trust Board nemizamo yokuvalela ngaphandle iSilo.
Uthe abaphathi bebhodi babethi iSilo sizibeka sona ukuba sibe nguSihlalo ngoba sifuna ukuntshontsha izimali kodwa yena unobufakazi bokuthi yizona izikhulu zebhodi ezinecala lokweba.
Wethule ubufakazi bokuthi kunepulazi leNgontama Trust eliseMhlali eladayiswa ngokungekho emthethweni, lidayiselwa umngani. Udalule isikhulu esiphezulu sebhodi, uMnuz Vela Mngwengwe nesikhulu esengamele izimali uSiyamdumisa Vilakazi yibo abebephikisa kakhulu ukuthi iSilo sizibambele mathupha isikhundla sokuba uSihlalo.
Ngesikhathi ekhuluma uDkt Dlamini bekulokhu kunokuvungama kwabebelalele bemangele ngabakubona njengenkohlakalo ngomhlaba weNgonyama Trust. Uveze ukuthi izikhulu bezifihlela iSilo namalungu ebhodi imibiko yezimali.
Ukhale kakhulu nangokuqashwa kwe-CFO athi yayingenazo iziqu ezifanele ukuphatha lo msebenzi. Kuphinde kwavela ukuthi i-CEO yazama ukuzenyusela umholo ngo-R1 million (ngonyaka) kwathi i-CFO yafuna uchatha ka-R600 million, konke lokhu bengasazisanga iSilo esinguSihlalo waleli bhodi.
“Empeleni obekwenzeka laphaya kuyinkohlakalo, ngakho ngiphakamisa ukuba iNgonyama ivulele i-CEO ne-CFO amacala obugebengu,” kusho uDkt Dlamini.
Echaza ukuthi njengoba ayesebhodini wayethule ethini yena, uthe wayehlale ephikisa njalo adliwe yivoti yilabo abasohlangothini lwe-CEO ezinqumweni. Ukweseka izinsolo zakhe uDkt Dlamini udlale izingxoxo aziqopha kukhulunywa ngeSilo, egcizelela ukuthi sasedelelwa, senziwa ihlaya.
Ngesikhathi iSilo siqeda ngeBhodi, uDkt Dlamini owayevele igama lakhe liphakanyiswe yiSilo, akaxoshwanga.
ISilo sike sadlulisela udaba lweNgonyama Trust kubameli kodwa okuningi kwajama njengoba amandla ngokwenzeka ebhodini ehleli kuNgqongqoshe wezoMhlaba kazwelonke.
Ephawula egameni lebhodi, okhulumela iNgonyama Trust uSimphiwe Mxhakaza uthe ibhodi lisazobhekana nalezi zinsolo ezibhekiswe kulo ngesikhathi esifanele.