UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uxwayise ngokuthi akulula ukuthola amavoti, kuyanyukela ngakho bayadingana bengamadlelandawonye.
Uthe yingakho bengakwazi ukuqinisa ikhanda, badube amaKhomanisi bathi kuwona awahambe ayozimela okhethweni.
Uveze ukuthi kukhona abantu abangakhankasi kodwa abathi ayiyekwe ukuze izibone ukuthi ifana nobani iSACP ngokuphuma uqekelele izimele okhethweni.
"Asikwazi ukumane sithi abahambe, kunzima la ngaphandle siyadingana. Yingakho sizoyixoxa siwuKhongolose ngempelasonto eyokuzimela kweSACP okhethweni. Kumele sixoxe, sibonisane ukuthi siya kanjani phambili," usho kanje izolo ekhuluma engqungqutheleni yeDenosa eBoksburg, eGoli.
Usho lokhu kulandela ukuphumela obala kwamaKhomanisi athi azozimela okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo.
AmaKhomanisi athi azozimela ngenxa yokuthi namanje akukho ukubuyekezwa kobudlelwano kumadlelandawonye.
"Kumele sizibuze imibuzo enzima ngokuthi ukuphuma kweSACP kusho ukuthini kumadlelandawonye. Noma zingabakhona izinguquko kumadlelandawonye, kodwa isinqumo seSACP kumele senziwenjani," kusho uMbalula.
Unxuse ukuthi engqungqutheleni yeDenosa zixoxwe izinto ezifuze lezi ngoba iningi labasebenzi leseka i-ANC futhi lingamalungu eSACP.
Ubalule nokuthi ukwehlelwa ukwesekwa okhethweni lwanyakenye kubabeke endaweni abangasakwazi ukuthatha izinqumo bebodwa, ngoba sebesebenzisana namanye amaqembu.
Uncome iqhaza labasebenzi bezempilo, abasekhaleni lokuhlenga impilo yabantu.
"Ayikho impilo ngaphandle kwabahlengikazi kuleli. Ngiyazi ukuthi niyayifuna imali, yilwani ukuze niyithole. Uma abasebenzi belwela amaholo, akumele unyukelwe umoya uma ungungqongqoshe ngoba yilungelo labo," kusho uMbalula.
Uthe nakuhulumeni wokubambisana bazovikela imithetho ethinta abasebenzi.
"Abahambe baye kuDonald Trump (umengameli waseMelika), bayosiceba abacabanga ukuthi sizojikela abasebenzi. Akulona izwe likaDonald Trump leli."
UNobhala Jikelele wamaKhomanisi uMnuz Solly Mapaila, ugxeke uTrump wathi utshengisile ukuthi akayishayi ndiva intando yaabantu.
Uthe lo mholi uzithwele futhi akanandaba namuntu emhlabeni jikelele.
Ukhale nge-ANC wathi bazizwa bedayiswe wuKhongolose kwi-DA.
"Yingakho kunzima manje ukuphasisa isabelomali sezwe kungenxa yalokhu kusebenzisana kwe-ANC ne-DA. Siyazibuza ukuthi i-ANC ne-DA basebenzisana kanjani ngoba banemibono engafani," usho kanje.
Uthe awukaze ubekhona umhlangano ohlanganisa wonke amadlelandawonye noma i-ANC isikhale ngaphansi okhethweni.
"Kade sagcina ukuba nomhlangano singamadlelandawonye, sekuphele iminyaka engu-10. Ukube siyahlangana sichazelwe ngezinto, ngabe siyayeseka i-ANC. Sibi isimo, izwe lifana nento ehambile ngoba ngisho izigebengu ziyazenzela," usho kanje.
Uthe bakulungele ukungenela ukhetho ngokuzimela.
"Noma kusasa kungeza ukhetho lokuchibiyela, sikulungele ukungenela ukhetho sisodwa. Asifuni ukubukelwa phansi yingakho sqhubekela phambili nokungenela ukhetho," kusho uMapaila.
Uthe abaphumi kumadlelandawonye ngokungenela ukhetho.