SIGODLIWE isinqumo esicelweni sokuqala esithinta ibhange elilengelwa yizembe, Ithala.
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu (ebihleli eThekwini izolo) ibilalele isicelo esifakwe Ithala lapho lifuna khona ukuthi livunyelwe ukuthi liqhubeke nokusebenza ngokwejwayelekile njengoba kusalindwe ukulalelwa kwesicelo sokuba leli bhange livalwe.
Isicelo sokuba kuvalwe Ithala safakwa uhlaka olungaphansi kweBhange loMbuso, iPrudential Authority (PA), lesi sicelo sizolalelwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
I-PA yafaka lesi sicelo emva kokuba kuphele ushwele owawunikezwe Ithala wokuba lisebenze njengebhange yize lingenayo ilayisensi yokuba ibhange, lo shwele waphela ngo-2023.
Selokhu iPA yafaka isicelo sokuba kuvalwe Ithala, amakhasimende ebhange angaphezu kuka-250 000 awakwazi ukuthola imali yawo nabasebenzi bebhange abaholile.
Izolo abameli beThala bacele ukuba inkantolo ivumele Ithala ukuba liqhubeke nokusebenza ngokujwayelekile kuze kuba kuphuma isinqumo esicelweni sokuba livalwe.
AbeThala bathe ukubhajwa kwemali yamakhasimende kudala izinkinga eziningi njengoba kukhona amakhasimende asemangalele ibhange, amanye alishiya.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ibihleli eThekwini, eNkantolo yezaBasebenzi, izolo.
Ngaphandle kwenkantolo amalungu eNehawu abebhikisha.
AbeNehawu bathe amalungu enyunyana asebenza eThala ahlukumezeke kakhulu njengoba engazange ahole ngoJanuwari nangoFebhuwari, mancane amathuba okuthi ahole nakule nyanga.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal wesekwa Ithala emizamweni yokuvimba ukuba livalwe.
UMphathiswa wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, obesenkantolo, uthe bazokwenza konke okusemandleni abo ukuvikela Ithala.
URodgers uthe basanda kwenza isicelo sokutsheleka u-R2 billion kuhulumeni kazwelonke, le mali izosetshenziselwa ukuvikela abantu abangamakhasimende eThala.
"Ngikhulumile noNgqongqoshe wezeziMali, uvumile ukusinika imali. Manje sekusele kuMqondisi Jikelele eHhovisi loMgcinimafa."
URodgers uthe udaba lweThala belungalungiseka nje kalula, kungaze kuyiwe ezinkantolo.
"Uma ngibheka nje inani labameli basemajajini abebelapha enkantolo, ngiyazibuza ukuthi ngabe imalini ekhokhwe lana. Lolu udaba besingaluxoxa nje, ngaphandle kokuthi luze luye ezinkantolo. Iqiniso ukuthi vele ekugcineni siyophelela kuzona izingxoxo."
URodgers uthe okunye okungenziwa ukuba kuqokwe uhlaka oluzokwengamela Ithala ukuze likuqhubeke lisebenze lize lithole ilayisensi.
"Into ebalulekile ukuthi abantu bathole imali yabo."