BAZOYITHOLA emaPosini kuphela imali yabo yezibonelelo kusuka ngenyanga ezayo okuzophela uMashi bengawashintshanga amakhadi abo amadala ayigolide akwa-Sassa, beshintshela emakhadini amasha amnyama ase-Postbank.
Lokhu kuzodalwa ngukuthi ayagcina ukusebenza amakhadi amadala ayigolide akwa-Sassa kusuka ngoLwesine kuleli sonto, njengoba kuzobe sekusebenza amnyama kuphela.
Lokhu kushiwo yisikhulu esiphezulu se-Postbank, uNksz Nikki Mbengashe, oqinisekise abantu ukuthi imali yabo bazoqhubeka bayithole noma sekudlule usuku ababelubekile lokuthi kuzoma ngalo ukusebenza kwamakhadi amadala.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo, uthe sebeshintshe amakhadi angu-1.1 million, selokhu kwaqala uhlelo lokushintshwa kwamakhadi nyakenye.
"Sigqugquzela abantu ukuthi baqhubeke nokushintsha amakhadi noma usudlulile uMashi 20, 2025, okuwusuku lokugcina lokusebenza kwamakhadi amadala ayigolide. Ngemuva kwalolu suku ngeke esasebenza amakhadi amadala, kodwa abantu bazokwazi ukuthola imali yabo ePosini kusuka ngenyanga ezayo uma sekuholwa. Kudingeka umazisi kuphela ukuze bakthole imali yabo," usho kanje.
Uthe abangakwazi ukuhamba bangafaka izicelo zokuthi bavakashelwe emakhaya, ukuze bashintshelwe amakhadi abo.
Uxwayise ngokuthi kukhona abantu abasebenzisa lolu hlelo lokuvakashelwa emakhaya ekubeni bekwazi ukuzihambela.
"Sidinga ukuthi kuphathwe incwadi yasemtholampilo, eyasesibhedlela noma ekasonhlalakahle eshoyo ukuthi umuntu udinga ukuvashelwa ekhaya. Kudingeka kuyiwe emahhovisi akwa-Sassa kuyofakwa izicelo zokuvakashelwa, kuphathwe umazisi wodinga ukusizakala. Kuzobe sekwenziwa izinhlelo zokuthi avakashelwe ekhaya ayoshintshiswa ikhadi."
Babalelwa ku-50 kuphela abasafake izicelo zokuvakashelwa emakhaya beyoshintshelwa amakhadi.
Uthe labo ababefake izicelo zokuthi baholelwe abanye izimpesheni zabo, bangaqhubeka nokubathuma ukuthi baye ePosini nalezo zincwadi bayobaholela.
UNksz Mbengashe uthe bayakwamukela ukugxekwa ngokuthi lolu hlelo luke lwaba nebatha ngenxa yokushoda kwezindawo zokushintsha amakhadi.
"Besihlele ukuthi lolu hlelo lokushintsha amakhadi luzothatha izinyanga eziyisithupha. Lwaqala ngoSepthemba nyakenye, lwahamba kancane ngenxa yokuthi sanika isiqinisekiso sokuthi abantu babezoqhubeka nokuthola izibonelelo zabo emakhadini ayigolide. Sasihlele ukuthi okungenani ngosuku sishintshe amakhadi angu-21 600 ukuze sibaqede bonke esidinga ukuwashintsha. Kodwa abantu abaphumanga ngobuningi, baze bathutheleka ngenyanga edlule ngoba kwase kumenyezelwe eyomnqamulajuqu, sakwazi ukukhipha amakhadi angu-30 000 ngosuku," usho kanje.
Uthe ngoFebhuwari kuphela bashintsha amakhadi angu-450 000 ngenyanga eyodwa, Emasontweni amabili kuqale uMashi bashintsha amakhadi angu-200 000.
UMnuz Themba Matlou, ibamba lesikhulu esiphezulu se-Sassa, uthe ngesikhathi luqala lolu hlelo babalelwa ku-2.9 million abantu obekumele bashintshe amakhadi abo.
Uthe bafake isandla ekutheni lusheshe ngokutshala abasebenzi ezindaweni ezehlukene ezweni lonke.
"Umthetho uyavuma ukuthi abahola izibonelelo bazikhethele izindawo abafuna ukuhola kuzona. Bangahola kunoma iliphi ibhange abazikhethela lona. Sizobavakashela emakhaya labo abadinga usizo ngoba bengakwazi ukuhamba noma usudlulile umnqamulajuqu wokushintshwa kwamakhadi," usho kanje.
UNksz Mbengashe uthe abalelwa ku-520 amaPosi akhona wathi kodwa akuwona wonke abantu abazokwazi ukuthola imali yabo kuwona.
"Kudingeke sishintshe amakhadi ukuze siqinise ezokuphepha njengoba kwenzeka kuwona wonke amakhadi asemabhange. Sisasebenzise imali engaphansi kwaleyo ebesiyihlelile ngalolu hlelo lokushintshwa kwamakhadi kuleli. Siyazi kwezinye izindawo kunezinkinga kodwa ziyalungiswa nsuku zonke," usho kanje.
Uthe abantu bangashayela nenombolo yabo yamahhala noma eyakwa-Sassa uma befuna usizo ethi: 0800 601 011, noma bathumele ku:[email protected].