KUBE yinjabulo kubasakazi ababuyiswe kuKhozi FM uSthandwa Nzuza noVusizwe Langa abazoqala ukuzwakala emoyeni kusuka ngo-Ephreli 1.
Izolo ekuseni izikhulu zesiteshi okuwumphathi obambile uBusani Mthembu, umphathi wezokumaketha uLwazi Mthabela nobambe njengomphathi wezinhlelo uMandla Mdletshe bamemezele izinguquko.
Bamemezele ukubuya kukaVusizwe osezoyibamba noBingelela Mpanza kwiSigiya Ngengoma ngo-9 kuya ku-12 emini ngoMgqibelo.
Ungena endaweni kaTshatha Ngobe osezoqhubeka neWoza Nabangani Bakho noSelby Mkhize ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.
UTshatha wabuyelwa kwiSigiya Ngengoma ngo-Ephreli nyakenye kwathiwa uzobamba uhlelo ngesikhathi abaphathi besacabanga ukuthi bazokwenzani ngalo. Kuze kwaphela unyaka wezokusakaza elusakaza.
Ekhuluma neSolezwe uVusizwe, obethula uhlelo Izigi kwiJozi FM, uthe kuyintokozo enkulu ukukhuza ibuya emsakazweni futhi uyabonga kubaphathi ngokumethemba ukuthi angakwazi ukuphatha uhlelo olukhulu kangaka.
“Beluphethwe wumuntu othandwayo uTshatha kodwa kuyangisiza ukuthi ngike ngasebenza naye. Abalaleli ngeke baqale phansi bakhe ubudlelwano nami, ngijabule kakhulu angazi nokuthi ngingathini,” kusho uVusizwe.
UVusizwe uke wethula izinhlelo zezindaba kuKhozi FM Ezanamuhla nolunye iKhuluma Sizwe. Waziwa nangokufunda izindaba zesiZulu kwi-SABC1 ngaphambi kokuya kuMzansi Wethu.
“Emsakazweni uKhozi kusekhaya. Ngibuyela ekhaya futhi ngike ngabamba nakwiSigiya Ngengoma kancane. Abalaleli bangalindela umculo nenjabulo. Kakhulu kodwa umculo omnandi ovela ezinganeni ezisafufusa nasezingwazini. Akukho okuningi okuzoguquka,” kusho yena.
USthandwa, owahamba kulo msakazo ngo-2019 kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe, uzosakaza uhlelo iChillas ngo-6 kuya ku-9 ntambama ngoMgqibelo. Lolu hlelo belusakazwa wuKhetha Gwala.
Utshele leli phephandaba ukuthi uyakujabulela ukubuyela emsakazweni.
“Bese ngiwukhumbule umsakazo angifuni ukuqamba amanga. Yingakho bengihlale ngithi uma livela ithuba ngizobuyela. Ngesikhathi inkontileka yami ingavuselelwa ngangingalindele kodwa angithandi ukukhuluma kakhulu ngosekwadlula futhi angizondi muntu,” kusho uSthandwa osanda kuqala ukwethula uhlelo lwezingxoxo iMolao O Reng kwiMoja Love.
Uthe ubuya nomfutho wakhe abalaleli abamazi ngawo okuyinto akade bayigcina.
“Vele ngizobe ngenza nohlelo lomculo ngakho kuzoba khona oDJ. Umculo vele izinto zami.”
Ezinye izinguquko ezenziwe ukufakwa kukaNkosinathi Mshengu ohlelweni Ubusuku Obuhle ngo-8 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine. Phambilini uhlelo belusakazwa wuSiya Mhlongo owahlaba ikhefu kulandela izinsolo zokuhlukumeza owesilisa nokuyicala asagqigqa ngalo enkantolo.
NgoMgqibelo i-Top 20 eyashiwa wuMandla Magwaza esula emsakazweni ngasekupheleni konyaka isizothathwa wuMafresh Mpungose.
Isikhala esavuleka kushona uZanele Mbokazi ohlelweni i-Eshilo ngeSonto ngo-9 sivalwe wuPhindi P.
Izinhlelo zaphakathi nesonto ngo-6 kuya ku-6 azishintshanga njengoba kusazoqhubeka uDJ Sgqemeza noMroza Buthelezi ekuseni, kulandele uDudu Khoza ngo-9, kube wuZimdollar Biyela noKing Sfiso ngo-12.30 bese kuba wuTshatha noSelby Mkhize ngo-3 ntambama.