ABASEBENZI bakahulumeni basamile ekutheni bafuna ukunyuselwa amaholo ngokwesivumelwano sika-2018 ababesisayinile yize uhulumeni ethi akanayo imali.
NgoLwesithathu iNkantolo yokuDlulisela amaCala aBasebenzi isigodlile isinqumo ngalolu daba.
I-National Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu), ithe ukungawenyusi amaholo abasebenzi kuzodala izinxushunxushu.
U-Advocate William Mokhari SC obemele iNehawu, uthe kabahambisani nesicelo sikahulumeni sokuthi ngeke akwazi ukuqhubeka nesivumelwano sango-2018 sokunyuswa kwamaholo.
Uthe uhulumeni bekufanele aqinisekise ukuthi isivumelwano silandelwa ngokwezigaba zaso ukuze abasebenzi bakwazi ukuthola imali.
“Uhulumeni bekufanele athole indlela yokuqinisekisa ukuthi isivumelwano sango-2018 sokuholela abasebenzi ayesisayinile nezinyunyana uyasilandela. Kuyaziwa ukuthi ICovid-19 ayithikamezanga iNingizimu Afrika kuphela ngakho uhulumeni bekufanele eze nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi ikhona imali yokuholela abasebenzi. Izinyunyana zifuna ahloniphe isivumelwano ayesenzile. Into ayenzayo manje uhulumeni izodala izinxushunxushu, akufanele avunyelwe ukwenza lokho,” kusho uMokhari.
UAdvocate Ngwako Maenetje SC obemele iSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu), Democratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) nePolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru), uthe akufanele inkantolo ivumele uhulumeni ukuthi angazihloniphi izivumelwano ezisayinwe ngokusemthethweni.
Uthe inkantolo kufanele isichithe isicelo sikahulumeni.
Ummeli kahulumeni, u-Advocate Jeremy Gauntlett SC, uthe izinyunyana azilaleli uma uhulumeni ethi akanayo imali.
Uthe izimfuno zazo zifana nokuthi zithatha u-60% wemali kahulumeni bese zishiya u-2% ukuze unakekele bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Uhulumeni wabeka etafuleni uR13.5 billion ukuze kugwenywe ukuthi udaba luye enkantolo kodwa izinyunyana zawunqaba.
I-Covid-19 yisikhathi esinzima kakhulu esishiye uhulumeni engenamali.