SICHITHIWE isicelo sobengusomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, sokuthi umnyango wakhe ukhokhele izindleko zabameli emacaleni abhekene nawo.
UMapisa-Nqakula uthweswe amacala awu-12 athinta inkohlakalo nokushushumbisa imali.
Ubuye asolwe ngokwamukela intshontsho komunye wosonkontileka owayethole ithenda eMnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esangungqongqoshe kulo mnyango.
Ungaphandle ngebheyili ka-R50 000 ayinikwa yinkantolo yasePitoli, icala lakhe lahlehliselwa uJuni 4.
Ekuqaleni kuka-Ephreli, usule njengosomlomo wePhalamende.
Ngenyanga edlule, uNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Thandi Modise, wathi usacabanga ngesicelo sokuthi umnyango wakhe ukhokhele izindleko zabameli emacaleni abhekene nawo.
Wathi uzolandela umthetho ngenhloso yokuvikela imali yabakhokhi bentela.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngeSonto emini, uModise, uthe balubhekile udaba base bebheka umthetho ukuthi bangasivuma yini isicelo.
“Asikwazi ukusiza owayengungqongqoshe, ngakho ngeke size simsize,” kusho uNkk Modise.