KUBONWA ngokusa esiboshweni esitoke ejele laseWestville, okuthiwa selokhu singeniswe egunjini labalimele kakhulu ngeledlule. Umndeni walesi siboshwa usola ukuthi sashaywa kanzima ngojele.
Yize umndeni kaMnuz Mondli Khathi (32) waseKlaarwater uthe watshelwa ukuthi ilungu lawo lalimala lishaywa ngezinye iziboshwa ngoLwesithathu kodwa wona usola ojele ukuthi yibona abashaye kanzima uKhathi, okuvele ukuthi ungeniswe egunjini labagula kakhulu kwesinye sezibhedlela eziseThekwini osekuyophela isonto equlekile.
Unina kamgilwa, uNksz Zamo Khathi, uthe babambe umoya ngendlela indodana yakhe ayifice iyiyo esibhedlela.
“Akukholakali ukuthi ushaywe yiziboshwa uma ubuka indlela ashaywe ngayo. Ulimele umzimba kuphela ebusweni akanalutho. Ngithole ucingo ngoLwesithathu ekuseni luvela kumphathi wejele engazisa ukuthi indodana yami ilimele, ishaywe yiziboshwa. Uthe ushaywe ngesikhathi egwaza esinye isiboshwa,“ usho kanje.
Uthe kabamvuni uma kuwukuthi lesi senzo usenzile kodwa bekumele kube khona indlela ajeza ngayo ngoba lokhu kuwumzamo wokubulala indodana yakhe ngendlela abona ngayo.
Kuthiwa uKhathi usenonyaka etoke kuleli jele kusukela eboshwe ngo-Okthoba nyakenye kanti unina uthe waboshelwa ukubulala i-windscreen yemoto yomuntu okwaholela ekutheni anqatshelwe ibheyili. Uveze ukuthi uvule icalalo kuzama ukubulala futhi uyafisa ukuthi kuphenywe, abenzi balokhu bathathelwe izinyathelo.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo KwaZulu-Natal, uMnuz Thulani Mdluli, uthe umthetho awukuvumeli ukulinyazwa kwesiboshwa, kungabe kwenziwa ngezinye noma ngojele uqobo.
“Ojele banendlela ethile abaqeqeshwe ngayo abayisebenzisayo ukuhlukanisa iziboshwa uma kunesimo sokuxabana kwazo, engavumeli ukuthi kube khona olimalayo. Uma kukhona isigameko esibeka engcupheni ukuphepha kwesiboshwa, kungabe senziwe yiziboshwa noma ngojele, kuyaphenywa bese kuthi abathintekayo bathathelwe izinyathelo,” usho kanje.
Uthe zikhona izigameko zokuhlalisana lubhojozi kweziboshwa ngaphakathi emajele eziye zibikwe, wathi bewumnyango bamelene nalezi zenzo kwazise zibeka engcupheni impilo yabanye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eWestville.
“Kusolwa ukuthi isiboshwa sashaywa ngezinye iziboshwa salimala. Umgilwa uphuthunyiswe esibhedlela ukuyokwelashwa, amaphoyisa ayaphenya,” kusho uConstable Ngcobo.