BAZOTHOLA ithuba lokuzikhangisa lapho behlala khona abantu baseThekwini, njengoba uMasipala weTheku uzoba nemibukiso yamabhizinisi ezifundeni ezihlukene zalo masipala.
Imibukiso yamabhizinisi yezifunda ebizwa ngama-Regional Durban Business Fairs iyasiza ekukhangiseni imikhiqizo yamabhizinisi endawo, ukuhlomisa osomabhizinisi ngamakhono, nokuxhumanisa osomabhizinisi nabantu abasha.
Sekuvuliwe ukubhalisa kulabo abafisa ukuyokhangisa ngemisebenzi yabo embukisweni wesifunda saseningizimu ozoqala ngo-Okthoba 25 uphele ngo-Okthoba 27, enxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu Shopping Centre.
Ukuze ubekise isikhala sokukhangisa kulo kufanele ubhalise kusukela manje njengoba kuvalwa ngoSepthemba 30.
Amafomu okubhalisa athokakala ngokungena kwi-link: https://bit.ly/SouthForm noma ngokuthumela i-email ku [email protected] ucele ifomu. Amafomu okubhalisa ayatholakala nakonogada e-Embassy Building, ku-199 Anton Lembede Street. Akhona nakwi-website kaMasipala weTheku ethi: www.durban.gov.za. Uciphiza isihlokwana esithi government, bese wehla uze uyofika engosini ye-Durban Business Fair.
Usihlalo wekomiti lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela, uMnuz Thembo Ntuli, uthe amabhizinisi amancane ayinsika yomnotho waseThekwini futhi asiza ukudala amathuba omsebenzi.
“Ukwakha amathuba okukhula komnotho wasemakhaya nasemalokishini yingxenye ebalulekile ezinhlelweni zethu. Sifuna ukukhulisa umnotho ngendlela engavaleli muntu ngaphandle, ezosiza ukudala amathuba omsebenzi. Kuwumsebenzi wethu obalulekile ukuqhamuka nezinhlelo ezikhuthaza ukuqalwa kwamabhizinisi nokukhuliswa kwamabhizinisi amancane ukuze kuvuselelwe umnotho wasemakhaya nasemalokishini,” usho kanje.
Wengeze ngokuthi ukuvuselela imibukiso yamabhizinisi yezifunda kuseqhulwini ezinhlelweni zabo zokuthuthukisa umnotho weTheku. Lokhu kusiza ekutheni kufukulwe osomabhizinisi basemakhaya nasemalokishini futhi bangavalelwa ngaphandle ezinhlelweni zomnotho.
Lolu hlelo luzoba nemibukiso yemikhiqizo ehlukene, izithangami zokucobelelana ngolwazi, imibukiso yengqephu, izinhlelo zokupheka, amakilasi okuzofundisa kuwona ongoti bemikhakha ehlukene nezinhlelo zokuthuthukiswa kwamakhono.
Ukuthola eminye imininingwane, osomabhizinisi bangashayela ku-031 266 9938.