KUNGAKAPHELI ngisho isonto kuvele isigameko sokubulawa kwabashayeli abawu-11 bephuma emngcwabeni eColenso, ngaseMnambithi, sekuphinde kwabulawa omunye umnikazi wamatekisi, e-Alexandra eGoli.
Ngokwesitatimende esithunyelwe amaphoyisa lesi sigameko senzeke ngaphambi kwehora leshumi namhlanje ekuseni kuVasco Da Gama Street.
Okhulumela amaphoyosa eGauteng, uColonel Lungelo Dlamini, uthe lo mnikazi wamatekisi udustshulwe namhlanje ekuseni ephuma emzini wakhe.
“Owesilisa udutshulwe abasolwa abangaziwa, ufele endaweni yesigameko,” kusho yena.
Lesi sigameko silandela ukuhlaselwa kwetekisi ebithwele abashayeli abawu-17 edutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ezibalelwa ku-255, kwafa abashayeli abawu-11. Kubikwa ukuthi laba bashayeli abe-Ivory Park Taxi Association, okuwusoseshini waseGoli. Abane kuthiwa baphuthunyiswe esibhedlela, kanti ababili bakwaze ukubaleka benganamyocu.
FUNDA: Ubonga abaphansi osinde kudutshulwa abamatekisi
Isolezwe lihabule ngomthombo osondelene noyedwa wabaphuthunyiswe esibhedlela ukuthi useluleme, kodwa wenqaba ukukhuluma nabezindaba. Laba bashayeli bahlaselwa nje kade beyofihla isikhulu sabo eMatimatolo, esidutshulwe eGoli ngesonto eledlule.
UKhomishana wamaphoyisa uGeneral Khehla Sitole ukugxekile ukubulawa kwabantu ngalendlela wathi sebeqale uphenyo oluphuthumayo olubizwa nge-72 Hour Action Plan, ehlanganisa amaphoyisa ayisipesheli okubalwa kuwo nawophiko loKlebe.
Khonamanjalo, izinhlangano zamateksi kuleli okubalwa kuzo iSouth African National Taxi Council (Santaco) neSouth African Taxi Workers Organisation, edume ngelika-Qina Mshayeli, bakugxekile ukubulawa kwabantu abasembonini yamatekisi.