UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usukhiphe isexwayiso sokuthi kuzoba khona ukuduma kwezulu okunamandla ezingxenyeni eziningi KwaZulu-Natal ngezikhathi zasebusuku namuhla.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, umnyango uthe izakhamuzi ziyanxuswa ukuthi ziqaphele ngalesi sexwayiso sesimo sezulu esikhishwe ngabeSouth African Weather Service.
"Lesi sexwayiso sikhomba ukuthi kuzoba khona ukuduma kwezulu okunamandla ezindaweni eziningi zesifundazwe ngezikhathi zantambama nasebusuku," kusho isitatimende.
Sithe izindawo ezizokhahlamezwa yilokhu kuduma kwezuku okunamandla ilezo ezakhele izifunda Ugu neHarry Gwala. Sathi lezi zindawo ukuduma kwezulu okulindeleke khona kusezingeni lesihlanu.
"Lezi zindawo yiGreater Kokstad, Ray Nkonyeni, Ubuhlebezwe, uMuziwabantu, uMzimkhulu noMzumbe," kusho isitatimende.
Sithe izindawo ezisenyakatho, intshonalanga neningizimu yesifundazwe nazo zizokhahlamezeka kodwa khona ukuduma kulindeleke ukuthi kube sesigabeni sesibili.
Omasipala ababalwe kulesi sexwayiso, Abaqulusi, Alfred Duma - Indaka, Alfred Duma Ladysmith, Dannhauser, Dr Nkosazana Dlamini-Zuma - Underberg, Dumbe, Madlangeni, Endumeni, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele - Estcourt, Inkosi Langalibalele - Sobabili, Mkhambathini, Mpofana - Giants Castle, Mpofana - Mooi River, Msinga, Newcastle, Nquthu, Okhahlamba, Richmond, Msunduzi, Umdoni, Mngeni, Mshwathi, Umvoti, Big Five Hlabisa - Hluhluwe, Jozini, Umhlabuyalingana noPhongolo.
"Umnyango usumise ngomumo amathimba ezinhlekelele kuzo zonke lezi zindawo. Uyanxusa ukuthi abantu baqaphele kwazise lesi simo sezulu singabeka engcupheni impilo yabo," kusho isitatimende.