SEKUSHONE abantu abangu-26 KwaZulu-Natal kusukela kuqale izibhelu ekukholakala ukuthi ziqhutshwa ilabo abangahambisani nokugwetshwa izinyanga ezingu-15 kwaloyo owayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma.
Lokhu kudalulwe undunankulu wakulesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhathi ekhuluma kwisithangami sabezindaba namuhla ekuseni.
UZikalala uthe iningi labashonile, ilahlekelwe imiphefumulo ngesikhathi kusuka isibhudubhudu abantu bezitapela izimpahla ezitolo ezahlukene.
“Lezi zehlakalo ezenzekile zilethe ubuhlungu obukhulu. Iningi labantu abashonile bashone ngesikhathi kusuka isibhudubhudu, bezama ukutapa impahla noma bezama ukubaleka bebalekela amaphoyisa.”
UZikalala uthe bangu-187 abantu asebeboshiwe kusukela kuqale lezibhelu eziqale ngesonto eledlule kulandela ukuzinikela kukaZuma emaphoyiseni.
“Labantu basagcinwe ezitokishini. Bazobhekana nengalo yomthetho. Labo abacabanga ukuthi bazophunyula nje kalula emva kokuphula umthetho, baqambe beshilo. Umthetho sizowuqinisa.”
UZikalala uthe amasosha avele aseqalile ukufika kulesifundazwe.
“Okwamanje asaqaphe izindawo ezibalulekile. Kuzokuthi uma kufika amanye amasosha, bese ayasabalala aye kwezinye izindawo.”
UZikalala uthe lezibhelu ziphazamise ukusebenza kwezempilo.
“Abasebenzi bezempilo abakwazanga ukufika emsebenzini ngenxa yokungabi khona kwezokuthutha. Abantu ebekufanele beyothola usizo emtholampilo abakwazanga ukufinyelela khona. Kuphazamiseke nohlelo lokugomela iCorona.”