KUPHELILE ukuvalelwa ngaphandle kwabalimi abancane bakamoba KwaZulu-Natal njengoba ngoLwesine benikwe umqulu obangenisa embonini kashukela.
UNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uNkk Thoko Didiza nowezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnuz Ebrahim Patel bafake iSouth African Farmers Development Association (Safda) ngaphansi kwemboni kashukela.
Kuyaqala ngqa ukuthi usoseshini wabalimi abamnyama abancane uhlale nososeshini abakhulu embonini kashukela eneminyaka ewu-180.
Lokhu kusho ukuthi iSafda isizohlala etafuleni elilodwa neSouth African Sugar Association nezinye izinhlangano ezisembonini kashukela.
UDkt Siyabonga Madlala onguSihlalo weSafda, uthe kuqopheke umlando njengoba sebezohlala nezinye izinhlangano zemboni kashukela.
“Kudala besingamukelekile lapha KwaShukela besithathwa njengabashokobezi.
“Lolu suku lwanamhlanje luzosiza abalimi abancane bakamoba nezizukulwane ezizayo ngoba kusho ukuthi izwi lethu selizozwakala ngokwenzeka embonini esisebenza kuyo,” kusho uDkt Madlala.
Ubalule ukuthi kubathathe iminyaka eyisishiyagalolunye ukuba bafike kulesi sigaba ngoba baqale bavalelwa ngaphandle, kodwa ngokuhamba kwesikhathi bebehlala isikhashana bese ubulungu babo buphelelwa yisikhathi.
“Namuhla ugogo waseMakhathini nomunye olima umoba uzoba nezwi embonini kamoba. Siyabonga kakhulu kongqongqoshe bethu ngokusisukumela singabalimi abancane.
“Sizoqhubeka nezinhlelo zokuthuthukisa abalimi esizenzayo namanje ngoba sifuna le mboni iqhubeke nokukhula,” kusho uMadlala.
UNkk Didiza uthe kuningi okuzayo embonini kamoba ngoba abafuni nje igcine ngokukhiqiza ushukela kodwa bafuna yenze nophethroli ozosetshenziswa ngamabhanoyi.
Bafuna amakhasi omoba asetshenziselwe ukwenza ugesi nokunye okuningi.
UPatel uthe beza nohlelo lokufukula imboni olubizwa ngeSugar Industry Masterplan, babefuna ukuthi imboni ibe nazo zonke izinhlaka zakuleli.
“Selokhu saba nohlelo lweSugar Industry Masterplan sesikwazile ukunyusa umkhiqizo kashukela ngo-23%.
Sikwazile ukusayina izivumelwano nabasebenzisa ushukela ukuba bathenge owakuleli kanti sinentela ekhokhwa ushukela wangaphandle ukuvikela imboni yethu.
Isibonelo uma kade sikhiqiza amasaka amane kashukela kudala, sesikhiqa amahlanu manje. Uma besithenga amasaka amathathu phesheya manje sesithenga amabili,” kusho uPatel.
Uthe kusukela ngo-2019 kuze kube manje bebesebenzela ukuletha uzinzo embonini kashukela.
Kuzothi esigabeni sesibili basebenzele ukuyikhulisa kakhulu lemboni njengoba sebebheka nezinye izinto abangazenza ngomoba.
U-Adv Fay Mukaddam onguSihlalo weSouth African Sugar Association (Sasa), uthe bayalwemukela uguquko olukhona embonini kashukela.
Uthe bayajabula ukuthi iSafda isiyilungu eligcwele elizothola yonke imihlomulo etholwa ngabanye ososeshini bemboni.