IKHWELE yadilika kuNgqongqoshe wezokuVakasha kuzwelonke, uNksz Lindiwe Sisulu, inhloko yamaJaji ebambile, uRaymond Zondo, izolo.
UZondo ubize isithangami sabezindaba esiphuthumayo izolo ntambama, ngenhloso yokuzwakalisa ilaka lakhe encwadini ebhalwe uNksz Sisulu ngeledlule.
Le ncwadi eshicilelwe ephephandabeni i-Daily News, ibinesihloko esithi, Sanibona Mzansi, ngabe sesibubonile yini ubulungiswa?”
UZondo uthe abanayo nencane inkinga nokuthi bagxekwe bengamajaji. Uthe empeleni bayakwamukela ukugxekwa kodwa akakholwa ukuthi lokhu okwenziwa uNksz Sisulu, kulungile.
“Uma ugxeka kufanele ukugxeka kwakho kube neqiniso. Lokhu kukaNksz Sisulu akukhona. Lokhu okwakhe kuyinhlamba ebhekiswe emajajini ezinkantolo ezahlukene ikakhulukazi lawo amnyama,” kusho uZondo.
Uthe ingxenye eningi yencwadi kaNksz Sisulu igcwele inhlese yokuhlasela ezobulungiswa ezweni.
Uthe incwadi kaNksz Sisulu esikhundleni sokuthi ikhombise ukuhlaziya okunothile, inothe ngezinhlamba azibhekise kwezobulungiswa.
“Encwadini kaNksz Sisulu, akukho lapho abeka khona izibonelo ezeseka ukugxeka kwakhe. Akukho lapho enza khona izibonelo ukweseka into ayishoyo. Kuphela nje into ayenzayo ukuhlasela nokuthuka ezobulungiswa zakuleli lizwe,” kusho uZondo.
Uthe kuyadabukisa nokho ukuthi ukuhlasela okuje kuvela kumuntu osebambe izikhundla eziphezulu ezahlukene kuhulumeni wentando yabantu kusuka ngezikhathi zawo ngo-1994.
“UNksz Sisulu uyilungu eliqavile lePhalamende nelenhlangano ebusayo kodwa unesibindi sokuthuka ezobulungiswa. Kuyadabukisa kakhulu. Kumuntu osebambe izikhundla eziphezulu, umuntu ubezolindela ukuthi okungenani uNksz Sisulu abeke amaphuzu athile ukweseka umbono wakhe,” kusho uZondo.
Uthe akakholwa ukuthi unawo lawo maphuzu ngoba ukube ubenawo, ubengeke angawafaki encwadini yakhe.
Uthe yize noma engeke asho ukuthi akathathelwe ziphi izinyathelo uNksz Sisulu kodwa kuyomangaza uma lolu hlobo lokuziphatha kungekho zinyathelo oluzothathelwa zona.
Uqhube wathi bengamajaji basazoqhubeka nokwenza umsebenzi wabo ngaphandle kokwesatshiswa.