OSANDA kuxoshwa kwesikaNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uchayise abameli abaqokwe yiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ukuba bengamele izindaba ezithinta isikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust.
UButhelezi uchithe isicelo senkampani yabameli, i-Van Rensburg Kruger Rakwena Attorneys, sokuba nomhlangano naye.
Utshele isikhulu sale nkampani ezinze eMpumalanga, ukuthi ayinalo ilungelo lokukhuluma izindaba ezithinta umhlaba kaZulu.
Lokhu kushiwo uButhelezi ngesikhathi ehlangene namakhosi oLundi, ngoLwesihlanu.
UButhelezi ubebize umhlangano wamakhosi njengoMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Utshele amakhosi ukuthi uthole incwadi eqhamuka esikhulwini senkampani yabameli athe sizibize ngoRakwena, wathi kule ncwadi abenkampani yabameli bacele ukuhlangana naye njengomphathiswa ukuze bezoxoxa ngezinto ezithinta umhlaba.
"Ngimangalile ukuthi ummeli waseMpumalanga uqala ngaphi ukukhuluma izindaba zakwaZulu nomhlaba wamakhosi. Ngimphendulile lowo mmeli othi uwuRakwena, ngathi akangene ezindabeni zikaZulu, amakhosi alawula umhlaba."
UButhelezi unxuse amakhosi ukuba aqhubeke nokuvikela umhlaba kaZulu, wathi uZulu awuyilutho ngaphandle komhlaba.
Izinto zimapeketwane kwiNgonyama Trust kulandela imizamo yeSilo yokumisa amalungu ebhodi.
IMbube, enguSihlalo weBhodi leNgonyama Trust, yathi imisa amalungu ebhodi ngenxa yokuthi isiqale uphenyo ngokunyamalala kwezigidi zamarandi kulesi sikhwama.
Nokho uNgqongqoshe wezoMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontso, wathi iSilo asinawo amandla okumisa noma ukuxosha amalungu ebhodi.
Khonamanjalo: UButhelezi umemezele ukuthi umnyango uzobuyisela emakhosini imali engu-R34.1 million.
Lena yimali ebiqoqwa ezizweni zamakhosi ebilokhu igcinwe wumnyango emabhange ehlukene.
UButhelezi uthe imikhandlu yamakhosi izonikezwa le mali ukuze iqale izinhlelo zokuthuthukisa iminotho ezindaweni zamakhosi.
“Lesi sinqumo siyingqophamlando ngoba sibuyisela emakhosini amandla okulawula nokuthatha izinqumo eziphathelene nokusebenza kwemikhandlu yamakhosi. Ngisho noma umkhandlu udinga ukushintsha ifastela eliphukile noma ukuthenga ama-desk okusebenzela, kudinga ukuthi kubhalwe incwadi iye eMgungundlovu, kucelwe, ekubeni inkece le akusiyo ekahulumeni, eyamakhosi."