NONKULULEKO NHLAPO
ISABALALE ezinkundleni zokuxhumana imibiko yokuboshwa kukaMnuz Nhlanhla “Lux” Mohlauli izolo ebusuku.
UMohlauli ongumholi wenhlangano elwa nobugebengu nabokufika abakuleli ngokungemthetho, uvulelwe icala nguMnuz Victor Ramerafe oyisakhamuzi saseDobsonville nelungu le-EFF ngoLwesithathu. URamerafe uvulele uMohlauli icala lokushaya nokweba.
Izolo kuvele imibiko ethi uMohlauli uboshwe ngemuva kwengxoxo yakhe nomsakazo iKaya FM kodwa amaphoyisa aveze ukuthi ubephekwa ngemibuzo.
“Amaphoyisa apheke ngemibuzo owesilisa othinteka ecaleni elithile,” kusho Colonel Dimakatso Sello ngodaba lukaMohlauli.
Ephawula ngalokhu, lo mholi wamadudula unxuse abalandeli bakhe ukuthi bangavumi ukuwela ogibeni lukaMnuz Julius Malema. Uthe uyazi ukuthi uMalema neqembu lakhe balindele ukuba bavuke indlobane, babe nodlame ukuze kubonakale sengathi bayinhlangano engalawuleki.
“Sizovumela umthetho usebenze. Ngeke siziphathise okwe-EFF, asikhulumi kabi ngabo, bona baziveza ubunjalo babo,” kusho uMohlauli.
Operation Dudula leader Nhlanhla 'Lux' Dlamini speaks on his arrest. #DStv403 #NewsNight #eNCA pic.twitter.com/DUEvZKl4U6
— eNCA (@eNCA) March 24, 2022