UYISE wowesilisa osolwa ngokubulala umfundi waseMangosuthu University of Technology, osedume ngokuqhuba intwala ngewisa, uthi kunzima ukukholwa yizinsolo ezibekwe kuMnuz Thabani Mzolo (23).
UMnuz Mthembeni Majola oyikhansela le-IFP onguyise kaMzolo ongamzali uthi ubechitha isikhathi esiningi naye njengendodana yakhe. Uthi njengoyise kunzima ukukholwa yonke into eshiwoyo ngaye.
“Sizokholwa uma sekuphuma ubufakazi benkantolo obuzoveza ukuthi esikabani isibhamu,” usho kanje.
Phambilini kuke kwavela ukuthi uMajola ubegadwa wuMzolo, kodwa uthi lokhu akulona iqiniso. Uthi bebehlale bendawonye ngoba uMzolo eyindodana yakhe yize engamzali.
Uthi njengomndeni bamazi njengengane ezithobile futhi ehlale ilubalubela ukufukula abanye.
UMzolo usedume ngokuqhuba intwala ngewisa njengoba kuleli sonto kuvele ukuthi ukhombise iMantshi umunwe ophakathi nendawo.
Nakubantu abasuke beyothamela icala, usedume ngokuthi avele abakhombe ngophawu lwesibhamu esebenzisa iminwe yakhe.
UMajola uthi kwenzeka lokhu nje uMzolo ubesemfundisa inkonzo emvakashisa emathempelini ahlukene ebandla lakaShembe.
“Thina njengomndeni wakhe sizokholwa ngesikuzwa ngenkantolo, nakhona kube nobufakazi obuphathekayo.
Okunye okushiwo abantu emaceleni ngeke sikulalele kakhulu,” kusho uMajola.
Uthe uMzolo ubewusizo ezinganeni eziningi ezifundisa izibalo, sekukhona nezineziqu ngenxa yakhe.
Mayelana nokuthi uMzolo ubewunogada, uMajola uthe: “Ubengeke abe ngumfundi aphinde abe ngunogada, ubehlala ehamba nami ngoba sihlobene.
"Ukuba unogada kuhambisana nezinto eziningi namalayisensi enziwayo. Akakaze angigade futhi angazi kuqhamuke nobani lokho,” kusho uMajola.
UMajola uthe uyazi ukuthi umndeni wakaKhumalo uphatheke kabuhlungu ngokwenzekile, nabo bayazwelana nawo kodwa abafuni ukuhlangana nawo kusenje.
“Uma abantu bebhekene nesimo esifana nalesi akumele nibajahe eduze. Sifisa baphole kuqala bese sikwazi ukubavakashela. Nathi sisadidekile kodwa uma enganikezwa abameli abawaziyo umthetho, kuningi okungavela ngaleli cala,” kusho uMajola.
Ephetha uthe uma ligcina ngokumlahla icala futhi naye ekuvuma konke okuvezwa yinkantolo bazokwamukela njengomndeni ukuthi kunohlangothi lwakhe abebengalwazi.
NgoLwesine iNkantolo yeMantshi eThekwini isichithile isicelo sebheyili sikaMzolo kulandela ukuvela kwenkinga yekheli lakhe eliqondile njengoba nezinye zezihlobo zakhe zimuhlangulile.