IBE nemibuzo eminingi imantshi mayelana nokuboshwa kukaNkk Duduzile Zuma-Sambudla oyindodakazi kaloyo onguMengameli woMkhonto weSizwe (MK) futhi owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
UNkk Zuma-Sambudla ubekade evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. UMbuso umbeke icala lokuphehla udweshu nelokuzama ukuketula uMbuso.
UNkk Zuma-Sambudla usolwa uMbuso ngokukhuthaza izibhelu ezaqubuka ngemuva kokuboshwa kukayise, owaboshelwa icala lokudelela umyalelo weNkantolo yezoMthethosisekelo.
UNkk Zuma-Sambudla wayelokhu efake ekhasini lakhe i-X izigameko ezazenzeka ezingxenyeni ezahlukene ebese ebhala ukuthi “Siyanibona” ebese egagula indawo yesigameko.
Ngaphakathi enkantolo kuvelile ukuthi uNkk Zuma-Sambudla uzinikele emaphoyiseni ekuseni ngaphambi kokuba avele enkantolo.
Ngaphakathi enkantolo ubebonakala edane emamatheka, ebingelela abalandeli be-MK ebebegcwele.
Ngaphakathi bekukhona uyise ofike ehamba nendodana yakhe uMnuz Duduzani Zuma noNobhala Jikelele we-MK uMnuz Floyd Shivambu.
Ngesikhathi kuqala icala kusukume u-Advocate Dali Mpofu obemele uNkk Zuma-Sambudla, wazisa inkantolo ukuthi bavumelane noMbuso ukuthi azinikele emaphoyiseni ekuseni.
Uthe njengoba sebefikile nje bahlose ukufaka isicelo sebheyili ukuze akhululwe.
Obemele uMbuso u-Advocate M. Mouden ukuqinisekisile obekushiwo uMpofu. UMouden ube esesho kwagcwala umlomo ukuthi bayasamukela isicelo sebheyili.
Uthe angeke baze baphikisane naso ngoba umsolwa ukhombise ukusebenzisana nabo.
Uveze nokuthi banalo nekheli likamsolwa eliqondile, wathi ngenxa yaleso sizathu ngabe benza iphutha uma bengama endleleni yakhe yokucela ibheyili.
Lokhu kuqubule imibuzo nokudideka kwimantshi u-Irfan Khahil ibuza uMouden benoMpofu ukuthi kungani pho eboshiwe uNkk Zuma-Sambudla?
"Engikuzwayo ohlangothini loMbuso yizinto ezinhle zodwa ngomsolwa. Akukho okubi okushiwo, manje ngiyazibuza ukuthi pho kudalwe yini ukuthi nibone ukuthi makaboshwe manje ekuseni?“ ebuza.
UMouden noMpofu baphendule ngokuthi yinto abavumelane ngayo babona kunesidingo sokuba yenzeke ekuseni.
UKhahil uthe siyamdida lesi senzo kodwa wayesethi uzomkhulula ngesixwayiso uNkk Zuma-Sambudla, hhayi ngo-R3 000 obukade uphakanyiswe uMbuso noMpofu.
Ngaphambi kwakho konke lokhu, uMpofu ufunde incwadi efungelwe eyenziwe nguNkk Zuma-Sambudla. Kuyona ukuhlabe wakuhlikiza ukubekwa kwakhe amacala uMbuso.
Uthe usola inhlese yezepolitiki kuleli cala, watshela inkantolo ukuthi uzimisele ngokuthi aliphike leli cala uma seliqala ukuthi liqulwe.
Imantshi imemezele ukuthi selidluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini, liyoze liye khona ngoMashi 28.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushiswa eNingizimu Afrika i-NPA, u-Advocate Mthunzi Mhaga, uthe akusilona iqiniso ukuthi bafake icala elintekenteke enkantolo.
Uthe kabagabile nje kuphela ngokwabhalwa uNkk Zuma-Sambudla ezinkundleni zokuxhumana kodwa bukhona obunye ubufakazi abasazobuveza ngokuhamba kwesikhathi kuli cala.
Sekuphunywa, amalungu e-MK abememeza ethi: “Gwaza Mkhonto Gwaza!“