IZINYANE leSilo esesakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, uMntwana uSihlangu kaZwelithini, seliphumele obala lazwakalisa ukungahambisani nomgidi wamaNazaretha ozokuba sesigodlweni eNyokeni, ngempelasonto.
AmaNazaretha aqhamuka ohlangothini lwaseBuhleni, azoba nomgidi wezinsuku ezimbili ozongena kusasa esigodlweni eNyokeni.
UMntwana uSihlangu, oqhamuka esigodlweni saKwaLinduzulu, uthe umgidi wangempelasonto bekungafanele ube seNyokeni, njengoba kusenoqhekeko endlunkulu oludalwa wumbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Unxuse amaNazaretha aqhamuka ohlangothini oluholwa nguMnuz uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, ukuba angayi eNyokeni.
Lokhu ukusho encwadini ayibhekise eSilweni uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, ethunyelwe nakubaNtwana baseNdlunkulu abadala.
UMntwana uSihlangu uthe indlunkulu bekufanele iqale ihlale phansi ixoxe ngokugasela kwamaphoyisa kulesi sigodlo, okwenzeka ngaphambi koMkhosi woMhlanga, obungoSeptemba.
Ngaphambi koMkhosi woMhlanga, amaphoyisa agasela esigodlweni ebusuku, afike akhipha ngoshova bonke abantu abangadingeki khona.
Ngaleso sikhathi beyibhekene ngeziqu zamehlo endlunkulu ngoba abeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, babexwayisa ngokuthi kungase kuchitheke igazi uma umkhosi wenziwa eNyokeni.
UMntwana uSihlangu uthe ukugasela kwamaphoyisa esigodlweni kwangaleliya langa kwashiya abantwana bethukile, kuze kube manje abanye babo basathuthumela.
“Kufanele ngikukhumbuze ukuthi lesi sigameko saletha ubuhlungu nokwethuka kulo mndeni. Kuyishwa ukuthi emva kokugasela kwamaphoyisa endlunkulu nezingane zakwenu, sebehleli ngokwesaba. Ngeke ngimangale uma kungathiwa kukhona nabanye asebehleli ngokusaba.”
UMntwana uSihlangu uthe ngalolu suku uNdlunkulu wakulesi sigodlo, uNompumelelo Mchiza-Zulu noMntwana uNqobangothando kaZwelithini, bahlukumezeka.
Uthe ubelindele ukuzwa iSilo sikhuza umhlola wokuhlaselwa kwesigodlo.
“Bengizitshela ukuthi uzokhuza umhlola owenziwa kwabakwenu, emzini kayihlo, emzini wamakhosi, umuzi oyithempeli likaZulu.”
UMntwana uSihlangu unxuse amaNazaretha ukuthi angayi eNyokeni.
“Wonke umuntu oza esigodlweni noma ngabe kuthiwa umenywe nguwe, kufanele acabangisise kahle ngaphambi kokuthi eze. AmaNazaretha nawo kufanele azibuze ukuthi angajabula yini uma kungase kube khona umuntu ofike emzini yawo ngenkani.”
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe iSilo sihlezi siwuvulile umnyango kubantwana abafuna ukudlulisa okuthile kuso. Uthe uMntwana uSihlangu bekufanele alukhulume neSilo udaba, lungakhulunywa kwabezindaba.
UMntwana uThulani uthe kuyammangaza ukuthi kungani uMntwana uSihlangu esengene wagamanxa ezindabeni zaseNyokeni.
“Yena ungowaKwaLinduzulu. Ufunani ezindabeni zaseNyokeni? Yena kufanele akhulume ezakwabo.”
Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe bona beyibandla kabangeni embangweni wesihlalo oqhubekayo.
“Thina siya lapho sisuke sibizwe khona yiSilo. UNyazi umthandazo luwuyisa lapho lusuke lucelwe khona. Ngeke sinqabe ukuhambisa umkhuleko uma siceliwe.”
UMncwabe uthe amaNazaretha azobe ephume ngezinkani kusasa.
“Kuzobe kumhlophe izintaba. Ngeke izulu lingani ngoba kuzobe kuhlangene ingwe neNgonyama, kuhlangene iSilo noNyazi.”