OKHULUMELA iNdlunkulu, uMntwana uThulani kaGqikazi, uthi imibiko yokuthi weba izinkomo zeSilo, ihambisana nomkhankaso wokudicilela phansi igama lakhe ukuze asuswe eduze kweNgonyama.
UMntwana uThulani wendlu yaseZibindini, uxoxe neSolezwe ngeSonto kabanzi ngempi, athi ibhekiswe kuyena ngabathile abanomona wokuthi usebenza kahle.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo oseNdlunkulu ukuthi uMntwana uThulani uke waquliswa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokuduka kwezinkomo.
Kuthiwa iSilo sesimqulise kathathu uMntwana uThulani mayelana nezinkomo. Kuthiwa uMntwana unezinkomo eziningi okusolwa ukuthi wazithatha kulezo zeSilo.
“Okokuqala nje, iSilo asikaze singibuze lutho ngezinkomo, ngihlala naso sixoxe sihleke kube mnandi. Yebo, ngijwayele ukuya kosomabhizinisi nabantu abehlukene ngiyocela uxhaso lwezinkomo zokudla, uma kunemicimbi. Uma sezihlatshiwe lezo ezisalayo zibuyela kusona iSilo, kube yisona esinqumayo. Inkulu kabi impi futhi isuswa yibo abantu bakhona ekhaya,’’ kusho uMntwana uThulani.
UMntwana usebenze kakhulu neSilo uZwelithini kaBhekuzulu. Uthe ngokokuzalana, yena unguyise weSilo futhi uyakwazi ukuseluleka ngezinto ezehlukene. Wathi bayahloniphana futhi asikaze iSilo sikhombise ukungenami ngaye, ngakho uyamangala uma kuqhamuka izinkulumo ezinje.
Uqhube wathi iSilo singumuntu ophiwe ukukhalipha kwesidalo nje, siyakwazi ukubona izinto ngabe kade samsusa eduze kwaso uma singamethembi. Uthe yena uqashwe ngaphansi kukahulumeni ukuba asebenze neSilo konke akwenzayo ukwenza ngobunono ngeke abe budedengu aphambukise izinto.
Ebuzwa ngodaba okhulumela iSilo uMntwana Afrika Zulu, uthe okokuqala nje, abaziwa ubuqiniso bezinsolo ezibhekiswe kuMntwana uThulani.
“UMntwana uThulani siyamhlonipha kakhulu eNdlunkulu futhi izinkomo ziwumongo womnotho wethu KwaZulu. UMntwana usebenzela isizwe akufanele kube nezinsolo ezinjalo ezimlandelayo ngoba thina sazi ukuthi konke akwenzayo ukuveza obala akukho zimfihlo,’’ kusho uMntwana u-Afrika, ophuma endlini yasoNkweni.
Ebuzwa ngokuthi iSilo sinazo izikhalo, akaphumelanga obala.