UTHEMBISA ukuzibeka eqhulwini izidingo zabantu besifazane uNkk Thembeka Mchunu, waKwaZulu-Natal, osembangweni wokuhola i-ANCWL.
Igama likaNkk Mchunu liphakanyiselwe esikhundleni sokuba ngemengameli we-ANCWL njengoba lolu phiko lubheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi.
Isiqalile imihlangano yamagatsha lapho ezophakamisa amagama amalungu azongenela umbango wezikhundla.
Engxoxweni neSolezwe, uNkk Mchunu ukuqinisekisile ukuthi uzowungenela umbango wezikhundla kwingqungquthela ezayo.
“Ngivumile ukungenela umbango wesikhundla ngemva kokuthi amalungu amagatsha e-ANCWL aqhamuka esifundazweni iLimpopo, engicelile ukuthi ngingenele umbango wezikhundla. Ngivumile ngoba ngikholelwa ekutheni ikhona into abayibonayo kumina,” kuchaza uNkk Mchunu.
UNkk Mchunu uqhube wathi usebenzisana nabaholi abaqhamuka ezifundazweni ezihlukene okubalwa iLimpopo, Free State, Mpumalanga noNorthern Cape, nabo abagaqele izikhundla.
Phakathi kwabaholi abavela ohlangothini olweseka uNkk Mchunu, kuphakanyiswe igama lelungu lePhalamende elishone isigubhukane, uNkk Tina Joemat-Pettersson.
UNkk Joemat-Pettersson, obegaqele esephini likamengameli, ushone ngoMsombuluko ebusuku.
UNkk Mchunu uthe umkhankaso wakhe ugqemeke engeqiwa ntwala ngokushona kukaNkk Joemat-Pettersson. Waqhuba wathi usewuqalile umkhankaso wakhe kodwa ubungakasabalali kakhulu ngenxa yemigomo ebekelwe abangenele umbango wezikhundla.
“Wona umkhankaso usuqalile futhi sengike ngakhuluma namalungu e-ANCWL ikakhulu eThekwini.”
Njengamanje uNkk Mchunu ukhulumela ithimba lesikhashana elihola i-ANCWL KwaZulu-Natal. Uthe i-ANCWL idinga ubuholi obuzogxila ezinkingeni zabantu besifazane.
“Uma ubheka izinkinga esibhekene nazo njengamanje kuleli, ngabe ukhuluma ngobubha noma ngokungalingali, zonke zishaya kakhulu abantu besifazane. Mina nobuholi engisebenzisana nabo siyathembisa ukuthi sizokuba yizwi lomama uma sesikhethiwe. Sizobabheka futhi siqhamuke nezinhlelo zokubathuthukisa omama.
“Sixoxile futhi savumelana nethimba engisebenzisana nalo ngokuthi sifuna ukwakha kabusha i-ANCWL. Sifuna ukwenza abantu besifazane bayiqonde indima okufanele bayidlale kwezepolitiki, emphakathini nakwezomnotho. Abantu besifazane banendima ebalulekile okufanele bayidlale emphakathini,” kuchaza uNkk Mchunu.
I-ANCWL isihlale isikhathi eside ingenabo ubuholi obukhethwe engqungqutheleni ngemva kokuhlakazwa kobuholi obudala.
UNkk Mchunu uthe kubalulekile ukuthi i-ANCWL ivuke izithathe ngoba kufanele ibambe iqhaza ekukhankaseleni i-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo.
“Ngiyazi ukuthi uma kuyiwa engqungqutheleni akukaze kube lula. Siba nemibono ehlukene. Kodwa iqiniso lithi ekugcineni kufanele sikhulume ngezwi elilodwa.”
UNkk Mchunu uke waba iphini likasihlalo kwi-ANC ngaphansi kwesifunda iMusa Dladla, futhi waba yimeya yomasipala wesifunda, iKing Cetshwayo.
Unkosikazi kaNgqongqoshe wezaManzi neNhlanzeko, uMnuz Senzo Mchunu.