“UMA sewupholile kuba lula ukuphumela emphakathini ukhulume ngokuthi uneHIV.“
Lokhu kushiwo uNksz Nomfundo Ndlovu (39), wasOfafa, eXobho, esekuphele iminyaka ewu-13 athola ukuthi unaleli gciwane.
UNksz Ndlovu uqwashisa ngeHIV aphinde akhuthaze abantu ukuthi bahlolelwe yona, badle nemishanguzo uma sebethole ukuthi banalo.
Uthe ngesikhathi eyohlolwa wayesola ukuthi unalo ngoba wayephethwe yisisu okwase kuthathe isikhathi eside engasindi kusona.
"Njengawo wonke umuntu, ngaqale ngathenga imithi emakhemisi, ngaya kodokotela kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngabona ukuthi kubhedile ngase ngiya emtholampilo, ngempela imiphumela yaqinisekisa. Ngesikhathi ngihlola nganginganciphile emzimbeni. Ngaze ngaqala ukuncipha ngisalinde imishanguzo ngisafunda amakilasi ngoba isisu sasinganginike thuba, silokhu singijuqa," kusho yena.
Uthe amaphilisi awazange amnike inkinga futhi umndeni wakhe wawumeseka.
"Kwathi kuphela unyaka ngabe sengamukelile ukuthi nginegciwane nasemtholampilo abahlengikazi babengithanda, bejwayele nokuthi angikhulume uma sihlangene. Indaba yonakala ngo-2009, sengithola ukuthi ngikhulelwe, ngabaleka esikhungweni sezempilo engaqala kuso ukuxukuza ngesaba ukuthi onesi bazongibona ukuthi angiyisebenzisi ikhondomu. Kwake kwathiwa angize ngizoluleka abantu, ngaqamba amanga ngathi ngiphukile ngoba ngibona ukuthi bazongibona ukuthi ngikhulelwe. Ngangiza uma ngizolanda amaphilisi kuphela, ngifihle bangangiboni ukuthi ngikhulelwe. Ngabelethela kwesinye isibhedlela, bangibona sengiyiphethe ingane," kusho yena.
Uthe okwamenza waqunga isibindi ukuthi uyazi emakhaya ulwazi alufiki ngendlela.
“Uma singase thina esesinegciwane sifihle kusho ukuthi abantu abaningi bangagcina bethelelene okuyinto engeyinhle. Uma ngiluleleka abantu ngiye ngithi ongenalo igciwane akahlale engenalo, onalo akadle imishanguzo angayeki. Siba nezigcawu lapho sihlala khona sicobelelane ngolwazi. Njengamanje onalo nongenalo igciwane sebeyayidla imishanguzo, abangenayo bayidla uma bezibona ukuthi basengcupheni, lokho kwenza ukuthi abathandanayo omunye enalo omunye engenalo bangathelelani,” kusho yena
Le ntokazi ithi emphakathini omama abaziyo ukuthi uneHIV bebeye bathumele kuye izingane zabo uma bebona sengathi zinezimpawu zeHIV.
"Bekuye kudingeke ukuthi sikhulumele esithe ngoba abanye abantu bebengangazi ukuthi ngiphila negciwane. Kuze kwafika la ngithathe isinqumo sokuthi ngivele ngikhulume emihlanganweni nalapho kuhlangene khona umphakathi ngoba ngase ngikhathele ukulokhu ngitshela abantu ngokuhlukana. Lokho kwenze ukuthi nami ngikhululeke kanti nabanye abantu bakhululeke ngoba bebona ukuthi angiguli ngiyaphila. Njengamanje igciwane alisabonakali egazini kodwa lokhu akusho ukuthi sekumele ngiyeke imishanguzo yami ngoba igciwane likhona ukuthi alibonakali," kusho yena.