IZAZI zomthetho zithi uMkhonto weSizwe (MK) awunathuba lokuphumelela ngisho ungaya enkantolo ngenhloso yokuvimba ukuthi kufungiswe amalungu njengoba kunezikhalo ngemiphumela yokhetho.
Iqembu elisha i-MK ifuna buchitheke bugayiwe njengoba izama ukumisa izinhlelo zokuhlala komhlangano wokuqala wePhalamende. I-MK isabisa nangokuya enkantolo iyovimba ukuhlala kwePhalamende ukuze kulungiswe isikhalo sayo ngemiphumela yokhetho.
Zinkani zababili njengoba iPhalamende likubeke kwacaca ukuthi liyaqhubeka nezinhlelo zalo noma ngabe abe-MK abezi. Kulindeleke ukuthi iPhalamende lihlale okokuqala lifungise amalungu, kukhethwe uSomlomo bese kuvotelwa noMengameli ngoLwesihlanu.
Umsindo ususwa wukuthi i-MK ayeneme ngemiphumela yokhetho obelungenyanga edlule nalapho iwole khona inqwaba yezihlalo. I-MK ithi akulungiswe isikhalo sayo ngaphambi kokuhlala kwePhalamende.
Ungoti wezomthetho uSolwazi Pierre de Vos ekhuluma neNewzroom Afrika, uthe iPhalamende livunwa wumthetho ukuthi liqhubeke nomsebenzi.
“Mancane amathuba okuthi inkantolo imise ukuhlala kwePhalamende, njengamanje amalungu akhethiwe angu-400 futhi abhaliwe ohlwini. Bangamalungu ePhalamende kumanje umehluko wukuthi abakwazi ukuqala ukusebenza bengafungile,’’ kusho uDe Vos.
Uthe umthetho uthi uma kukhona amalungu angafikanga kuyaqhubeka ukuhlala kodwa umuntu uma ephuthwe yimihlangano engu-15 ilandelana engabiki kufanele athathelwe izinyathelo achithwe.
Omunye ungoti wezomthetho uMnuz Mpumelelo Zikalala weZikalala Attorneys, uthe umhlangano wePhalamende uzobe usemthethweni. UZikalala uthe kuyaqala ukwenzeka lokhu kodwa akuyona ingqinamba yinto ecacile nje.
“Uhlu lwamalungu ePhalamende lukhona aselinde ukufunga bese eyasebenza. Mancane amathuba okuphumelela enkantolo uma uzama ukuvimba ukuhlala kwePhalamende,’’ kusho uZikalala.
Uthe okokuqala uma i-MK iya enkantolo kuyofanele kube wudaba oluphuthumayo.
“Uma udaba luphuthuma kufanele kube wukuthi kunamalungelo azophazamiseka, kunomonakalo omkhulu oyobe ungeke usalungiseka bese kuba wukuthi alukho olunye uhlaka olungalungisa udaba,’’ kusho uZikalala.
Uthe uma ubheka amaphuzu amathathu angenhla kuzoba nzima ukuthi udaba lwamukeleke. Uthe iMK bekufanele ifake udaba eNkantolo yezoKhetho ngaphambi kokuya eNkantolo yezoMthethosisekelo.
UNobhala wePhalamende, uMnuz Masibulele Xaso, naye obekhuluma kwithelevishini, uthe amalungu ePhalamende asekhethiwe futhi azofungiswa ngoLwesihlanu.
“Konke kumi ngomumo umhlangano uzohlala kufungiswe amalungu ePhalamende noma ngabe kukhona amanye aqoke ukungezi. Uhlu lukhona lunikwe inhloko yamajaji yona yalunika iPhalamende,’’ kusho uXaso.