UKUQALA ukusebenza kwethimba elizimele eliphenya ngodaba lwePhala Phala, kungase kukhinyabeze umkhankaso kaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, wokubuyela esikhundleni ihlandla lesibili.
Lona wumbono wabahlaziyi bezepolitiki, abaqagula ukuthi zizomlimaza umengameli izinsolo abhekene nazo. URamaphosa usemkhankasweni wokubuyela esikhundleni ngoDisemba, uma sekuhlala ingqungquthela yesi-55 ye-ANC eNasrec, eGauteng.
Basho kanjena nje, liqalile ithimba eliphenya ngokugqekezwa kwepulazi likamengameli, iPhala Phala, eBela Bela, eLimpopo. Kuthiwa kwathathwa izindodla zemali yangaphandle. Kusolwa ukuthi kukhona lapho uRamaphosa aphazama khona kulesi sigameko.
IPhalamende lijube uphenyo oluzimele emuva kokuthi kube nezikhalo eziningi ngodaba. Ithimba eliphenyayo liholwa yiJaji Sandile Ngcobo, elaliyinhloko yamajaji kanti selidla umhlalaphansi. Kukhona neJaji Thokozile Masipa no-Advocate Mahlape Sell.
Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu waseNyuvesi iWestern Cape, uthe uphenyo luzoba nogcobho emkhankasweni kaRamaphosa.
“Kwehlukene kathathu. Kukhona umunxa wezomthetho noma wezomthethosisekelo, angadabula lapho ngoba kudingeka iningi lasePhalamende ukuze aketulwe. Inkinga wumunxa othinta ukuziphatha nesimilo, ngisho angasinda kodwa iphunga lizohlala limlandela,’’ kuchaza uMngomezulu.
Uthe umunxa wesithathu owezepolitiki oxhumene nowesibili, wathi abaningi bazoqala ukumngabaza ngoba ubeshumayela ivangeli lokukhuculula inkohlakalo. Uthe uma sekujika kusolwa yena uRamaphosa, lokho kumehlisa isithunzi.
“Ake sithi uyayinqoba ingqungquthela uyabuyela kwesokuhola i-ANC. Kodwa, kuyobe kuyinhlekelele kuKhongolose ngoba kosho ukuthi izokhankasa ngaye okhethweni. Kukhona abantu abavotela i-ANC abangewona amalungu ayo, bangase bayifulathele uma kukhankaswa ngomuntu onephunga,’’ kubeka uMngomezulu.
Omunye umhlaziyi uMnuz Thabani Khumalo, uthe selokhu lwaqala udaba lwasePhala Phala, lumdalele iphunga elibi uMengameli wezwe. Uthe into engamsindisa wukuthi labo abaphikisana naye babukeka behluleka wukusebenzisa udaba ukumnyundela kahle.
Kwenzeka konke lokhu udaba luphenywa nawuMvikeli woMphakathi, osekulindelwe umbiko wakhe noma yinini.