UTHELE izithelo umkhankaso wamaphoyisa wokulwisana nokukhiqizwa, nokusatshalaliswa kwezithombe zezingane ziya ocansini. Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu, esikhathi kuboshwa owesilisa oneminyaka engu(35) eRosa Royal Estate, eMidrand.
Umlisa utholakale namakhophi angu-10 million ezithombe nama-vidiyo ocansi lwezingane emishinini ehlukene endlini yakhe okukholakala ukuthi uyisebenzisela ukuzisabalalisa.
Ukuboshwa komlisa kulandela okwangoDisemba, lapho kwaboshwa owesilisa oneminyaka engu-(41) onguthishanhloko ePitoli, nomunye oneminyaka engu-(49) eVanderbijlpark.
Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Colonel Amanda van Wyk, ukuqinisekisile ukuboshwa komlisa.
“Silunywe indlebe ozakwethu bakwamanye amazwe bethola ukuthi ulapha eNingizimu Afrika, umuntu osabalalisa izithombe zocansi ezinkundleni ezahlukene,” kusho yena.
Uqhubeke wathi kungenzeka kuboshwe abanye abantu ngoba uphenyo lusaqhubeka futhi kusaseshwa nakwezinye izindawo.