KUVELA okushaqisayo ngothishanhloko wesikole iMpumlana Primary osolwa ngokubandakanyeka etulweni lokusocongwa kwephoyisa loMkhandlu weTheku.
UMnuz Sithembiso Justice Khumalo (53) waKwaMaqumbi, KwaMaphumulo, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesihlanu ntambama, ngecala lokusocongwa kukaConstable Zwelakhe Ntombela.
Umufi wabulawa ngokudutshulwa ngesikhathi evala isango lakwakhe kwa-S, eMlaza, maphakathi nonyaka.
Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers nokuyilapho ashonela khona.
Izolo, uthishanhloko ubekade evele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, eningizimu yeTheku.
Ufike efake izibuko nesifonyo esimnyama ngaphakathi enkantolo, ebebonakala ejulile ngomcabango.
Izolo, bekungokokuqala ukuthi bavele bobathathu enkantololo nabanye abasolwa ababili asebeke bavela kuleli cala okukhona kubo inkosikazi kamufi, uNkk Faith Nongcebo Ntombela nenkabi uKhulani Cele. IMantshi, uMnuz Ngcobo, ithe icala iyalihlehlisa ukuze isicelo sebheyili uthishanhloko ezosenza ngosuku olulodwa noNkk Ntombela.
Isolezwe lithole ukuthi uthishanhloko nguyena owaxhumanisa uNkk Ntombela noCele. Kuthiwa lokhu uthishanhloko wakwenza kalula ngoba uKhulani engumkhaya wakhe.
Isolezwe lithole nokuthi imoto eyasetshenziwa yinkabi, uMzo Ntombela, ukubulala umufi yayikade igcinwe emzini kathishanhloko.
Kuvela nokuthi isibhamu sikamufi nesibhamu esasetshenziswa kubulawa umufi, zombili zatholakala emzini wakhe uthishanhloko.
Inkabi uMzo eyalivuma icala enkantolo yaseThekwini yakubeka yangananaza ukuthi imoto eyasetshenziswa bayilanda nothishanhloko kuNkk Ntombela eMlaza.
Kuvela nokuthi uthishanhloko uphila impilo entofontofo futhi uhlala emzini kanokusho.
Umthombo uthe nabo njengamalungu omphakathi, kwesinye isikhathi, baye babuzane ngempilo ephilwa uthishanhloko.
Uthe kunendlela uthishanhloko ayisebenzisayo ukuzicebisa wathi kodwa angeke bayidalule ngethemba lokuthi konke sekuzovela njengoba eseboshiwe.
Ngaphandle kwenkantolo bekubhikishwa njengenjwayelo.
Unkosikazi kathishanhloko uthwale kanzima njengoba amalungu omphakathi evuke umbhejazane, ayivalela esangweni ukuthi ingaphumi.
Ummeli kathishanhloko, uNksz Nomfundo Mthethwa, ukwamukele ukuhlehla kwecala.
Ummeli kaNkk Ntombela, uMnuz Ashwin Rughbeer, uzwakalise ukukhathazeka ekhala ngokuthi ikhasimende lakhe sekuphele isikhathi eside libhadle ejele.
Ngaphambilini, umkamufi wasilaxaza isicelo sebheyili ekhala ngokuthi uzizwa engaphephile.
UMshushisi, uMnuz Nhlanhla Sabatha, nguyena ophakamise ukuthi isicelo sebheyili sikaNkk Ntombela senziwe ngesikhathi esisodwa nesikaKhumalo.
Isolezwe lithole ukuthi kungekudala kukhona omunye ozoboshwa ngaleli cala.
Icala lizobuyela ngoNovemba 29 enkantolo lapho kulindeleke ukuthi uNkk Ntombela noKhumalo benze izicelo zebheyili.