WUSUKU lokuqala namuhla lokuvulwa kwezikole ezifundazweni ezimaphakathi nezwe, okubalwa kuzo iFree State, Gauteng, Mpumalanga, Limpopo neNorth West.
EGauteng, abafundi abaningi abaqala uGrade 1 noGrade 8 bakuthakasele ukuvulwa kwezikole ngoba kusho isiqalo esisha empilweni yabo.
Yize kunjalo, baningi abanokudideka ngokuthi ikusasa libaphatheleni njengoba bangaphezu kwenkulungwane abafundi abenza lawa mabanga abangakazitholi izikhala.
Akukubi konke kulesi sifundazwe njengoba namuhla, uNdunankulu Panyaza Lesufi wakhona, ehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMnuz Matome Chiloane, bathule ngokusemthethweni isikole esesakhiwe kabusha namuhla, iMapenane Secondary School.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uMnuz Steve Mabona uthi lesi yisikole esidala eGa-Rankuwa kodwa besesiguge kakhulu, yingakho kungenele uMnyango wezokuThuthukiswa kweNgqalasizinda kulesi sifundazwe, wasakha kabusha.
“Sizoqhubeka nomsebenzi wethu wokwandisa amakilasi nezikole ezindaweni ezahlukene. Inkinga ngalesi sikole wukuthi sase siguge kakhulu, kodwa okuhle ngaso wukuthi silungiswe safakwa izinsiza zobuchwepheshe besimanje, okusenza sibe ngesisezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho uMabona.
Uthe akusona sodwa isikolwe esisha esivulwayo lesi kodwa kukhona nesamabanga aphansi sobuchwepheshe besimanje be-ICT ukuqinisekisa ukuthi libunjwa liseva kubafundi kwezobuchwepheshe.