IKHALA ngokubanjiswa isisila sehhobhe indoda yaseMpendle ethi sekuphele inyanga ilinde ukuchazelwa ngesidumbu sosana engasazi esafika nesendodana yayo zisuka emakhazeni.
Lesi sidumbu ithe sasifakwe eplastikini owawunezingubo zendodana yayo ezaziphuma emakhazeni ezafika nesidumbu sesizongcwatshwa.
UMnuz Mandla Shezi waseMpendle ozinze eMariannridge, uthe sekuphele inyanga elinde umphathi wasemakhazeni kahulumeni ePinetown, owathi akamlinde usazokwenza uphenyo.
UShezi uthe isidumbu sosana sasiseplastikini owawunezingubo ezazigqokwe uMnuz Sibusiso Shezi indodana yakhe eyatholakala ishonile, eMpola, ngoNovemba.
Lesi sidumbu uthi wasibona ngesikhathi ethi ushisa izingubo ezazigqokwe umufi ngemuva komngcwabo.
“Angizange ngiwuvule uplastiki owawunezingubo emakhazeni nabangcwabi iBazovuka Funeral Home bathi abawuvulanga. Ngemuva komngcwabo ngabasa umlilo ngaziphonsa emlilweni, kuthe uma kwehla ilangabi lezingubo, indodana yami eyayigade umlilo yangimemeza yathi angizobheka. Kulapho ngabona khona lesi sidumbu esasesishile,” kusho yena.
UShezi uthe umphathi wakula makhaza wamthinta waxolisa, waba ngumuntu ozobuyela kuyena uma esenze uphenyo ngalesi sigameko. Kulapho athi babezobonisana ukuthi singalungiswa kanjani lesi simo, manje uthi lo mphathi akasayiphenduli imiyalezo yakhe ayishiya ehhovisi lakhe.
“Ngokuthola kwami umphathi wabona ngakusasa ukuthi isidumbu sengane silahlekile kodwa wangazithinta izinkampani zabangcwabi ezithathe izidumbu. Waze wangishayela ucingo ngoba sekufike amaphoyisa ezophenya. Wathi usola ukuthi abasebenzi basifaka ngamabomu isidumbu sengane benzela ukuthi axoshwe. Wangithembisa ukuthi usazocubungula kahle ukuthi kwenzekeni bese engithinta kodwa lutho, uma ngimshayela ehhovisi lakhe angimtholi nemiyalezo akayiphenduli,” kusho yena.
Uqhube wathi : “Iphunga lalesi sidumbu sisha namanje lisanuka emakhaleni ami, angazi ukuthi lesi sithombe sizodlula nini,” kusho yena.
UMnuz Mongezi Magudu weBazovuka Funeral Home eyangcwaba indodana kaShezi, uthe uma bethatha isidumbu emakhazeni kahulumeni uplastiki wezingubo usuke uphezu kwesidumbu, abawuvuli.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Ncumisa Mafunda uthe: “Umnyango ushaqekile futhi ukhathazeke kakhulu ngalesi sigameko osibikelwa yiSolezwe. Ngaphandle kokuzibophezela ngokomthetho, umnyango ufisa ukuxolisa ngalokhu okuthiwa kwenzekile. Ngeshwa, okwamanje umnyango ngeke ukwazi ukuphawula ngokuphelele ngalolu daba ngaphambi kokuthola umbiko ogcwele kubaphathi bamakhaza kahulumeni athintekayo,”
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa aseMpendle enza uphenyo ngalesi sigameko athola ukuthi isidumbu sosana safakeka ngephutha kuplastiki owawunezingubo zikamufi emakhazeni, ePinetown.