UMHOLI weDemocratic Alliance (DA) uMnuz John Steenhuisen uthi usazoqhubeka ababize ngamaqhawe abantu ’abazivikela’ ePhoenix ngesikhathi sezibhelu eThekwini ngoJulayi.
IDA ngoLwesibili iziqhathe nolaka lwabantu ifaka izingqwembe ibabiza ngamaqhawe abantu abathe i-ANC yathi bacwasa ngokwebala.
Namhlanje umholi weDA uSteenhuisen uphekwe yizintatheli ngelincane zicela acacise ukuthi basho ukuthini ngalo mbhalo wabo.
“Ngisazoqhubeka ngibabize ngamaqhawe ngoba abahlehlanga ngesikhathi bebhekene nengozi, abacashanga njengamaphoyisa kaMnuz Bheki Cele ngesikhathi kunzima, basukuma bazifaka. Ngisho nomengameli wababiza ngamaqhawe encwadini yakhe, nami ngiyavumelana nalokho kakhulu. Noma ubani owamela umthetho wakuleli ngizoqhubeka ngimbize ngeqhawe,” kusho uSteenhuisen.
Izolo iDA ithe lezi zingqwembe zizofakwa ezindaweni ezehlukene kuleli kodwa ngesikhathi ebuzwa ngazo uSteenhuisen uthe zisasePhoenix kuphela.
Khonamanjalo, umholi weDA ongenele esobumeya eGoli uDkt Mpho Phalatse namhlanje ekhuluma e-Alexandra uvumile ukuthi iqembu lakhe lishaye isikhala ngalezi zingqwembe wathi kumele bazisuse.
Engxoxweni neSolezwe izolo okhulumela i-ANC, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe isenzo se-DA basithatha njengepolitiki eshibhile.
Uthe leli qembu ligqugquzela ukuhlukanisa abantu ngokuzama ukuthola amavoti.
“Sinxusa abantu bakuleli abathanda uxolo ukuba bayichithe le mizamo yeDA yokugqugquzela ukucwasa ngokwebala. Lena yimizamo yokuqhatha abantu ngokuthi leli qembu lifake izingqwembe ezithi: I-ANC inibize ngabacwasi, iDA inibiza ngamaqhawe.”
Ngesikhathi sezibhelu kwabulawa abantu abawu-36 ePhoenix, kubona abawu-33 badutshulwa.
Unqgongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele wadalula ukuthi amaphoyisa ashaqa izibhamu ezingu-112 kule ndawo kulandela ukubulawa kwabantu kanti sebengaphezulu kuka-50 ababoshwa ngezigameko ezenzeka kule ndawo.