BAFUNA kubuye isasasa elaliba khona kudala uma kuzobhekana izingqungqulu zaseSoweto i-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abalingisi baKwaZulu-Natal, uThembinkosi Mthembu noWiseman Mncube, kusasa abazohlangana nabalandeli babo babuke nabo ibhola.
Laba bameme abathandi bala maqembu ukuthi bazohlanganyela nabo endaweni iThe Villa, eThekwini ngenjongo yokujabulela lo mdlalo bebonke.
Ekhuluma neSolezwe uWiseman uthe isasasa elaliba khona uma kuziwa kule midlalo lalenza kujabulise ukuba umlandeli wala maqembu nokuyinto abafuna ukuyivuselela.
“Intsha yamanje ayisenendaba nje uma kuza le midlalo, kuyathuleka kube ngathi ayikho into enkulu ezokwenzeka. Sikhula thina ngabe umsindo mkhulu kuqagelwa ukuthi ngubani ozodla umhlanganiso futhi ibaphi abadlali ababhekwe kakhulu.
“Nathi-ke sithe uma silokhu sigconana noThembinkosi uma amaqembu ethu ewinile ezinkundleni zokuxhumana sabona abantu beyithanda indlela esenza ngayo. Sicabange ukuthi uma la maqembu etholana phezulu asingayi enkundleni, asihlangane ndawana thize nabalandeli abayothanda ukuba nathi sipiklelane khona,” kuchaza uWiseman.
Uveze ukuthi bakhethe isifundazwe iKwaZulu-Natal kuqala ngoba yisona abantu bakhona abaveza ukuyithakasela into ababeyikhuluma.
“Sihlele ukuthi sihambele izifundazwe ezehlukene njengoba naseGoli, bakhona abafuna size khona kodwa sizoqala ekhaya,” kuchaza yena.
UThembinkosi uveze ukuthi lesi yisikhathi sokujabula, ngakho wonke umuntu ongakwazi ukuphumelela bayanxusa afike.
“Sifuna ukwenza lolu suku lube mnandi ngendlela yokuthi abe-Chiefs bahlale bodwa nathi njenge-Pirates sihlale sodwa. Sifuna kube mnandi kungabi nokuxabana kwangempela, bonke abazophumelela sifuna ukubatshela ukuthi ezokuphepha zizobe ziqinile, bakhululeke,” kuchaza uThembinkosi.
Uthe akufisayo ukuthi umsindo ukhule uma kuza lo mdlalo, abalandeli babo bathole uxhaso kula maqembu okubafunela izindawo ezinkulu ezizobenza babe ndawonye.