IPHINI likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme,uDkt Mimmy Gondwe, lithi isizoba wumlando indaba yokungashicilelwa ngesikhathi kwezitifiketi zamakolishi.
UNkk Gondwe usho lokhu ngesikhathi ehambele Elangeni TVET College, ePinetown ngoLwesine.
“Ngisemkhankasweni wokuhambela wonke amakolishi akuleli ukuze ngibone ukuthi iziqu ezitholakala kuwo ziyadingeka yini ezimbonini nokuthi izitshudeni ziyakwazi yini ukuzivulela amabhizinisi azo. Ngiqale eFree State, ngadlulela eNorth West, Northern Cape, Western Cape nase-Eastern Cape. Njengoba sengilapha KwaZulu-Natal yikolishi lami lesithupha leli engilihambelayo. Ngithole ukuthi izitshudeni zinenkinga yokungazitholi ngesikhathi izitifiketi zazo uma seziqede ukufunda. Le nkinga sesiyixazululile ngoba isitshudeni sinikezwa incwadi eqinisekisa ukuthi sesiziphothulile zonke izifundo zaso. Ziyashicilelwa nezitifiketi manje.”
Uthe kuyena impumelelo yoMnyango weMfundo ePhakeme ayincikile ekutheni bakhiqiza izitshudeni eziningi ezineziqu zemfundo ephakeme kodwa incike ekutheni ngabe lezo zitshudeni ziyawuthola yini umsebenzi noma ziyakwazi yini ukuthola amathuba ebhizinisi.
Ubalule ukuthi wakhe ubudlelwano ne-Old Mutual ukuze izitshudeni zamakolishi zivakashelwe yizimboni ezihlukene, zizazise ngamathuba omsebenzi akhona.
Maduze uthe uzomemezela ubudlelwano abakhile ne-Microsoft ezohlomisa izitshudeni ngamakhono akusasa njengoba umhlaba wonke ususebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
UDkt Gondwe ukugcizelele ukuthi amakolishi abalulekile emfundweni ephakeme futhi kufanele uphele umkhuba wokuwabukela phansi.
Uveze ukuthi abanezinkinga ezikhungweni zeMfundo ePhakeme bayakwazi ukushayela ihhovisi lakhe ukuze lilekelele.
Phakathi kwezinkinga azitholile ngezokungashicilelwa ngesikhathi kwezitifiketi nezokungatholakali koxhaso lweNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) emakolishi.
Uthe lezi zinkinga uyazixazulula ngoba umphathi weNSFAS uyatholakala futhi uzimisele ukusebenza.
Udonse abantu bakuleli ngendlebe wathi bangawabukeli phansi amakolishi kodwa bazigqugquzele izingane ukuba ziye kuwo ukuze zibe nekusasa eliqhakazile.