NGEKE esayibona indumezulu yomcimbi wasenkulisa wokugqoka ijazi nabewubheke ngabomvu umfundi obhokodwe ngommese waze washona eKenville ngeSonto emini. U-Ezami Thabethe (6) ugwazwe amanxeba awu-11 ngumlisa ongaziwa, wayolahla isidumbu kujantshi wesitimela wabaleka.
U-Ezami wehlelwa yilo mshophi nje ubejahe uNovemba 28 njengoba bekuwusuku olukhulu kuye lokugqoka ijazi lokuphothula uGrade R enkulisa eSiyasizana, nokuyinto ebimjabulisa njengoba ubezoqala isikole ngonyaka ozayo. Unina uNksz Mbali Thabethe uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ubesesitolo, u-Ezami nomfowabo oneminyaka eyisishiyagalombili nabangani babo bedlala endaweni abajwayele ukudlala kuyo. "Ugogo walezi zingane ubesendlini ematasa nemisebenzi wezwa umfowabo ka-Ezami ekhala ememeza ecela usizo kwaze kwaphuma ngisho nomakhelwane. Izingane zithi owesilisa ezingamazi udlule ehamba ngaphesheya komgwaqo ngakujantshi wesitimela. Wabuye wajika wazohamba ngakuzona wacela umango ebeziwudla, maqede wadlalisa u-Ezami wamphulula ekhanda wathi angayi ukuyokha umango nezingane ezindala kunaye. Uphinde wambiza ngegama lakhe wamfaka ekhwapheni sakumklinya wase eqala emgwaza ephindelela,” kusho uNksz Thabethe.
Okumzwisa ubuhlungu kakhulu unina wengane wukuthi akagcinanga lapho umsolwa kodwa uphinde wazama nokujaha umfowabo ka-Ezami okusolwa ukuthi naye ubezomenza okufanayo ukuba umficile. “Ungilimaze kakhulu lo muntu ngoba kuyacaca ukuthi ubeqonde izingane zami. Ngesikhathi egwaza u-Ezami bezimncenga ezinye izingane zithi akamyeke, naye umfana wami kuthiwa ubekhala exolisa. Inxeba okuyilona elingizwisa ubuhlungu kakhulu elingene enhliziyweni ngoba liyakhombisa ukuthi ubembonda kakhulu ngommese. Ngesikhathi ebaleka umfowabo uthathe isidumbu wayosibeka kujantshi wesitimela ezama ukusula ubufakazi, “ kusho uNksz Thabethe.
Selokhu kwenzeke lesi sigameko uveze ukuthi izingane ezizibonele zisathukile. Ebusuku indodana yakhe uthe yehluleke wukulala ngoba ibilokhu yethuka icabanga ngokubulawa komfowabo. Nezingane zomakhelwane nazo kuthiwa kunzima nakuzona. UNksz Thabethe uthe njengoba engasebenzi kunzima ukuzamela lezi zingane usizo lokuthi zithole ukwelulekwa ngokwengqondo. Omunye wabazali bezingane ebezidlala no-Ezami ocele ukungadalulwa, uthe ingane yakhe iyethuka uma ibona umuntu wesilisa engamazi selokhu kwenzeke lesi sigameko. Uthe bayafisa izingane zitholelwe usizo losonhlalakahle namaphoyisa asheshe amthole umsolwa ukuze zikhululeke izingane zabo uma zizwa ukuthi useboshiwe.
Ebuzwa uNksz Thabethe mayelana nokuba nezitha nokuthi ngabe kukhona yini amsolayo, utshele leli phephandaba ukuthi njengomuntu kuyenzeka aphambane ngamazwi nabantu kodwa akekho abona ukuthi angaze amcabangele into ebuhlungu kangaka. “Akuyona nengane ebinobaba noma ebisondelene naye ngenxa yendlela engayithola ngayo kodwa ngakhetha ukuyigcina ngikhulelwe. Akukho ukuthi ngingaze ngisole ngasohlangothini lwakhe ngoba kabasondelene ngiyazikhulisela. Ngeke ngazi ukuthi kwenzekani kodwa ungibulele lo muntu ngengane yami,” kubalisa uNksz Thabethe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko. "Kuvulwe icala lokubulala, kutholwe isidumbu somfana eduze nojantshi wesitimela ngasemgwaqweni uSmith Field sinamanxeba okugwazwa. Uhlonzwe njengoseshonile endaweni yesigameko, amaphoyisa aseGreenwood Park asaphenya ngalesi sigameko,” kusho uCaptain Gwala.
Ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza, lithembise ukungenelela ukuze kululekwe izingane. Okhulumela umnyango uMnuz Mhlaba Memela, uthe ungqongqoshe uzwelana kakhulu nomndeni futhi uzolekelela ukweluleka nezingane zomakhelwane ezithintekayalo. Uthe banxusa abazali nomphakathi ukuthi babe yiso uma izingane zidlala.